UMCULI obuye abengumlingisi uKelly Khumalo, uzithintele iziqandu kumhleli womcimbi weSouth African Heroines Awards, uCaroline Mosiamo. Lokhu kungemuva kokuba uKhumalo owakhokhelwa yonke imali ababevumelene ngayo, engazange alubhade emcimbini obungo-Agasti, eBloemfontein.
Abahleli bomcimbi wokubungaza abantu besifazane abangamaqhawe, bemnqumele ugwayi katiki wokuthi abuyise yonke imali ewuR30 000, noma ayonandisa komunye umcimbi ongo-Okthoba. Bathe uma eqhubeka nokudaza inkani bazomfaka kubammeli ukuze batholane enkantolo.
Umphathi wezindaba zikaKelly, uKhothatso Tsotetsi, ushaya phansi ngonyawo uthi lingawa ilanga licoshwe yizinkukhu uma uKelly engabuyisa imali ayeqashwe ngayo noma ayocula mahhala. Ngokusho kwabahleli bomcimbi, uKelly wafika sekushaye isikhathi sokuba acule sekuphele amahora amane futhi wayoqhinqa lapho kupaka khona izimoto.
UKhothatso uthe ngamanga aluhlaza ukuthi uKelly wafika sekudlule isikhathi. Uthe umculi wayeqashelwe ukunandisa ngo-9 ebusuku. Ube esethumelela intatheli ingxoxo ekuWhatsApp yabahleli naye lapho kuvela ukuthi uKelly waqala wabiza imali ethe xaxa kodwa bakhala kakhulu kwagcina kuvunyelwene ngoR30 000.
"UCaroline wayazi ukuthi kunomthetho wewashi. Ngambuza kaningi ngesikhathi ababezodinga ngaso uKelly ukuba azocula. Bagcizelela ukuthi ngu-9. Ubengasatholakali kwaze kwaba wusuku lomcimbi abaqedela ngalo ukukhokha. Ngabe sengihlela umshayeli owayezohambisa uKelly eBloemfontein, esathi uma sifika endaweni yomcimbi satshelwa epaki yezimoto ukuthi abanikazi bendawo sebexosha izithameli (ngenxa yomthetho wewashi)."
Eqhuba uKhuthatso uthe ubuhlathi babahleli obenza uKelly waphuthelwa ngomunye umcimbi ayeseqashwe kuwo.
"Ngeke nje ngimvume anandise bhusende njengoba izindleko zesaphulelo esasinikeza uCaroline zasebenza ohambweni lwaseBloemfontein. Impatho yabahleli bomcimbi beyiyimbi," kuphetha uKhuthatso.
Ethintwa uCaroline, ucele ukuba kuthintwe oyinhloko yethimba lezokuxhumana uMarona Lediga, okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphawuli.