IGAMA likaZakes Bantwini alipheli emilonyeni yabaningi kulezi zinsuku, kulandela ukusabalala kwe-video lapho ecula khona ingoma yakhe eshisa izikhotha nangakayikhiphi ethi, Osama.
Abantu baseMzansi abawuvali umlomo ngale ngoma apike kuyona umculi obizwa ngoKasango.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto, uZakes uveze ukuthi uyajabula uma abantu beyithokozela ingoma yakhe nokuyikona osekwenze asondeze usuku lokuyikhipha.
“Sesinqume ukuyikhipha ngoSepthemba 10 i-Osama ngenxa yokuthakaselwa kwayo. Ngijabulela ukuthi inhloso yami yokuqhakambisa ithalente elisha ifezekile ngoba angifuni ukuthatha izincomo ngedwa ekubeni le ngoma ibe yimpumelelo ngenxa yabantu abaningi abasebenzisene,” kusho uZakes.
UZakes wodumo lwamanoni afana neGhetto, Bum Bum nezinye, uthe ngenxa yesikhalo sabantu ukhethe ukuzidedela izinhlamvu zale ngoma esibizwa “ngengoma yesizwe” yize ingakaphumi ngokusemthethweni.
Ubuye waveza ukuthi ngo-Okthoba 1, kuzovuleleka ama pre-order e-albhamu ezophuma ngoDisemba 3 nezobe igabe ngethalente elisha okubalwa oDreega no Black Rhythm.
Phakathi kozakwabo abamchome uphaphe lwegwalagwala ngale ngoma kubalwa uFistas Mixwell noDJ Fresh.
Ebuzwa ngemibiko yokuthi kunenye ingoma i-Osama esuselwa kuyona, uthe ucela ukungaphawuli ngalokho.
“Ngisebenza kanzima nokuyikona okwenza ngifune ukujabula ngokuphelele uma sekumele ngijabule, ngikhohlwe okusemaceleni. Akukho engikakusho ngalokho,” usho kanje.
Mayelana nokuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi babonga uZakes ngokubashayisa ngomoya ezingomeni zamapiano, uthe ucela bangamfaki kulokho kuphawula ngoba ngokwakhe ubona kuwubuxoki ukuthi kubulawe uhlobo oluthile lomculo ngoba nakhu sekukhona isigqi esisha esifikile.
“Singakwazi ukuphilisana singabaculi ngaphandle kokugxekana. Alukho uhlobo lomculo olungcono kunolunye, mina nje ngisafisa ukusebenzisana nenqwaba yabanye abaculi bamapiano. Angikaze ngithi ngibethelwe kwi-house nakwi-Afro House,” kuphetha uZakes.