NONKULULEKO NHLAPO
SELUKHISHIWE uhlu lwabazonandisa kwindumezulu yomcimbi obhekwe ngabomvu iCotton Fest, ozoba ngomhla ka-23 no-24 eThe Station eNewtown, eGoli kule nyanga.
Umcimbi wasungulwa wumrepha wakuleli ongasekho emhlabeni uRikhado “Riky Rick” Makhado ewuhlelela inyanga kaMashi kodwa wahlehliswa ngemuva kokushona kwakhe.
Izindaba zokuqhubeka kwawo zaqinisekiswa wumkakhe uBianca Naidoo eveza izinsuku ezintsha ezihleliwe.
“Sizoqhubeka nokugcina umoya nomlando wakhe uphila. Ayikho indlela engcono yokwenza lokho kunokuqhubeka nomsebenzi uRiky ayewuqalile,” kusho uBianca.
Kuthiwa bangaphezu kuka-130 oDJ nabaculi abazobe benandisa kulo mcimbi okubalwa kubo uDBN Gogo, A-Reece, AKA, Boity, Cassper Nyovest, Costa Titch, Distruction Boyz, Emtee, Kamo Mphela, Khuli Chana, Kwesta, Nasty C, Shekhinah, Sjava, Uncle Waffles noZakes Bantwini.
Lona akuwona umcimbi womculo kuphela, kodwa uthakwe ngezinhlelo zokukhangisa ifeshini, ezemidlalo kanye nokudla okwenza bathole ubumnandi obuphindiwe abazothenga amathikithi.