Ezokungcebeleka Umculo

UGatsheni uhambe ezinyathelweni zoShwi

Charles Khuzwayo|Published

UMCULI kamaskandi,uGatsheni, ekhombisa isitifiketi sakwaRisa esiqinisekisa ukuthi i-albhamu yakhe ethi Inhlupheko ishaye iPlatinum Isithombe:SITHUNYELWE

UMCULI kamaskandi, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu, uqophe umlando ngokuhlabana ngomklomelo wePlatinum ngokudayisa amakhophi angaphezu kuka-20 000 nge-albhamu yakhe yanyakenye esihloko sithi Inhlupheko nebigabe ngenoni elithi Emendweni.

UGatsheni unikezwe lomklomelo ngesinye sezikhulu zakwaRisa, uLesley Mofokeng.

UGatsheni uthe akayikholwa lempumelelo njengoba eminyakeni embalwa eyedlule wacishe wawulaxaza phansi umculo ngoba ebona kuwumqansa emculweni.

"Angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga umlando uyoqopheka ngegama lami kwezomculo. Lendlela yokudayisa yesimanje iyasiphilisa ngempela uma siqhathanisa nohlelo lokugaya, uphinde udayise amaCD. Uma uculile, wabanendlela yokumaketha umsebenzi wakho , umsebenzi ube sewulokhu uzihambela wona. Ngiyabonga kakhulu Ningizimu Africa ngothando olungaka."

YISO lesi isitifiketi sakwaRisa esiqinisekisa ukuthi i-albhamu kaGatsheni idayise yaze yafinyelela ezingeni lePlatinum Isithombe:SITHUNYELWE

UGatsheni uthe uzohlezi enza ngokusemandleni akhe ukuthi ukhiqiza izingoma ezinohlonze. Ube esecela abantu bakuleli ukuba baqhubeke nokumesekela futhi abakwenze kuye, bakwenze nakwabanye.

UMCULI kamaskandi,uGatsheni, ehalaliselwa wumphathi wakhe,uThobani Mmema, emuva kokuhlabana ngesitifiketi sakwaRisa esiqinisekisa ukuthi ushaye iPlatinum Isithombe:SITHUNYELWE

"Ngiyacabanga ukuthi nokungangcofi abanye abaculi kungelekelele kakhulu ukuze umculo wami ungacwaseki kodwa ulalelwe yibona bonke abalandeli ngaphandle kokukhetha. Ukushaya izingoma ezingazibeki, nakho kungisize kakhulu ngoba kugcina kunaka nobekade enganakile." UGatsheni uthe umculo sewumubeke kwelinye izinga lempilo njengoba ekwazile ukuvusa umuzi kayise, wathenga nemoto nemfuyo.

"Izindlu zodaka engangicula ngazo, sesaziwisa zonke ngenxa nje yokuthi niyaleseka ikhono lami balandeli bomculo.

Ngiyafisa lokhu kube isifundo nakubaculi abaseza emuva kwami ukuthi uma usebenze kanzima , abathandi bomculo bazolenza iqiniso. Angeke bayizibe ingoma yakho ekubeni ishisa. Izinombolo-ke aziwaqambi amanga! Ngiyabonga kakhulu ngale-platinum." Uthe uhlela ukugaya inwaba yamakhophi ukuze ayiyise kubantu ababambe iqhaza elikhulu empumelelweni yakhe kusukela esafufisa, kuze kufike lapha.

UGatsheni uhambe ezinyathelweni zoShwi Nomtekhala ngokuhlabana ngePlatinum njengoba kwagcina ngabo nge-albhamu eyayithi Wangisiza Baba neyayinengoma ethi Ngafa.