UQOLOTHAKAMANGO womculi kamaskandi uThokozani “Somnandi” Langa uthi ukuntula ulwazi ngemigudu okumele ayilandele yikho okume phakathi kwakhe nemiklomelo ethathwa njengemikhulu emhlabeni amaGrammy Awards.
USomnandi uqokwe kumaSouth African Music Awards (Sama) emunxeni weBest Maskandi Album nge-albhamu ethi Upopayi.
Uqhathwe naBafana BakaMgqumeni (Bawucisha ngoParaffin), Izingane Zoma (Hlanga Lomhlabathi), Khuzani (Inhloko Nes’Xhanti) noSgwebo Sentambo (Inyoka Yodumo).
“KumaSama igama lami lihlale likhona. Ngiyawuthanda umsebenzi wami angingeni e-studiyo ngingazilungiselelanga,” kusho uSomnandi.
Lo mculi onezindondo eziyisithupha zamaSama, uthe useqokwe kulandelana kusukela ngo-2005.
“Cishe munye unyaka engingabanga khona ngawo ngoba angingenelanga kodwa uma ngike ngafaka ngiyaqokwa. Kuyimanje ngiyapheka futhi ngiyazi ngizoqokwa. Uma ngingaqokwanga kuyobe olalele akalalelanga kahle,” kuchaza yena.
Uthe ufuna ukudlondlobala angenele imiklomelo yaphesheya.
“Sengingaze ngiqhathwe nezingane zami manje kumaSama. Inkinga esishayayo ukuthi siye singazi okumele sikwenze ukuze singenele amaGrammy kodwa ngiyafuna.”