UFUNA ukusebenzisa inkece azoyithola ngomculo ukuthengela ugogo wakhe umbhede ontofontofo, umculi okwabonakala i-video yakhe ecula ezinkundleni zokuxhumana uDJ Tira wamthatha.
UFezile Zulu (24) odabuka eNgudwini eShowe, ukhiphe izingoma ezimbili ngoLwesihlanu emuva kokuthathwa nguTira wamfaka estudiyo.
Kulezi zingoma usebenze naye uTira, Mondli Ngcobo, Cici, Prince Bulo noBig Zulu.
"Mukhulu, usemkhulu umsebenzi okumele ngiwenze. Ngifuna ukuthengela ugogo umbhede ngoba alala kuwo awukho ntofontofo. Njengoba esemdala ufana nengane edinga ukunakekelwa bese ngimthengela nosofa ukuze angahlali ecansini uma ebuka le-tv encane esinayo," kusho uFezile.
Uthe impilo ayikathuthuki kahle lapho edabuka khona kodwa ufisa ukusebenzisa umculo ukushintsha impilo yakubo nasendaweni.
Uthe abantu abaningi baziphilisa ngokutshala amahlathi badayise izingodo nesimoba okuyinto eyenziwa ngabazali bakhe. Uthe kungaleso sizathu kwathi uma eqeda umatric eKing Zwelithini High ngo-2014 wayofuna umsebenzi.
"Imali yokuqhubeka nokufunda ibingekho ngoba inkinga yami bekumele ngiyolungisa izifundo zami ngoba angiphasanga kahle. Ngivele ngazama amatoho kungavumi ngaze ngayohlala nomngani wami eThekwini lapho engithole khona umsebenzi eWimpy ngo-2017. Bengizama ukuyibeka kodwa kumele nginakekele nomndeni ekhaya."
Uthe ubezama nokubeka eyokuyofunda ukudlala isigingci ngoba umculo kade awuthanda. Isigingci uthe unaso kodwa ufuna ukusifunda kahle.
"Ubuciko nje ngiyazifela ngabo ngoba nokulingisa ngiyakuthanda. Umculo kade ngawuthanda ngilokhu ngibhala izingoma ze-Afro Soul, okuyizo engizenzile neyomdanso ngoba umalume (Tira) usafuna ukuzwa ukuthi yikuphi lapho ngingena khona khaxa . Ukusebenza nabo kungifundise lukhulu ngoba bengiqala nokungena estudiyo, ngibonga angiphezi."
Uthe zikhona nezinye izingoma kodwa bazolokhu bezikhipha kancane kancane.
Uveze ukuthi usamile emsebenzini, emuva kokuthola izibusiso zomqashi wakhe, ukuze agxile emculweni okwesikhashana.