ZIYAMVUMA izinto emculweni uSjava, emva kokuvula inkampani entsha i-1020 Cartel, naqopha ngaphansi kwayo njengoba esanda kumemezela ukuthi usephumile e-Ambitiouz Entertainment.
USjava wodumo lwengoma ethi Umama, umemezele ngoMeyi ukuthi ushiyile e-Ambitiouz, wathi unabaculi asebasayine ngaphansi kwenkampani yakhe entsha.
Uthe i-1020 Cartel uyisingule noRuff obevele enguphrojusa wakhe emculweni. Phakathi kwabaculi asebasayinile kubalwa umaskandi uMzukulu, Nue_Sam, Yullunder no-Anzo.
“Inkampani ngiyivule ngonyaka odlule kodwa isanda kuqala ukuba matasa manje ngoba sengigxile kuyona. Kumanje ngimatasa ne-albhamu entsha ezohlanganisa abaculi abangaphansi kwenkampani yami ebizwa Isambulo, ezophuma ngo-Agasti 28.
"Kuyona sipike noMadala Kunene noMnqobiyazo. Mina ayikho ingoma engiyenzile nabaculi kwi-albhamu ezophuma kodwa ngisethula abaculi abangaphansi kwenkampani nayo (inkampani) ngoba iseyintsha.
"Uma sesiphumile Isambulo ngizoqala ngihlanganise izingoma zami ezintsha ezizophuma ngaphansi kwayo,” kuchaza uSjava.
Uqhube wathi kumanje sebeziqophile izingoma zabaculi sebelinde usuku okuzophuma ngalo i-albhamu yabo. Uveze nokuthi basayine inkontileka ne-Africori okuyiyona ezosabalalisa umculo okhiqizwa yinkampani yakhe.
Echaza ngaleli gama aqambe ngalo inkampani yakhe, uthe ulisusele kwinombolo yefulethi ayehlala kulona kudala no-Emtee, bengakaziwa emculweni.
“Sasihlala e-1020. NgeCartel ngiqonde isigungu sezinsizwa ezihlangene ngenhloso yokufeza iphupho lazo elilodwa.
"Nangesikhathi sisahlala e-1020 sasizibiza ngeCartel ngoba sonke sasihlangene ngephupho lokuvelela emculweni,” kucacisa uSjava.
Akachazanga okuningi ngenkampani yakhe endala i-Ambitiouz Entertainment kodwa uthe konke kuhamba kahle akanankinga nayo.
Nangesikhathi ekhipha isitatimende sokushiya kwakhe e-Ambitiouz akadalulanga ukuthi ushiyeleni, wathi izizathu zokushiya kwakhe zaziwa nguyena nenkampani.
Usengumculi wesishiyagalolunye ukushiya kule nkampani elandela u-Emtee.