ISIHLABANI somculo wamapiano, uToss wodumo lwengoma ethi Umlando, udalule izinselelo zokuphila ngaphansi kodumo. Wathi yingakho ebone kungcono ukuthi ahlabe ikhefu okwesikhashana emculweni.
Lo mculi ogama lakhe langempela nguPholoso Masombuka (22), uqale ukwaziwa ngasekupheleni konyaka odlule kanti ingoma yabo beno9umba noMdoovar ethi Umlando ibabeke ebalazweni.
Engxoxweni ekhethekile abenayo neSolezwe ngeSonto uveze ukuthi kuningi okwenzeka empilweni yakhe ngoba esedumile futhi kuzwakala sengathi kuyamsinda.
“Ngingene vele emculweni nginezimo ebezingisinda. Udumo seluvele lwazandisa lezi zimo ezingenza ngizizwe umqondo wami usindeka,” usho kanje uToss.
Ebuzwa ukuthi angathanda yini ukwazisa abalandeli bakhe ngohlobo lwesifo sengqondo akhuluma ngaso uthe
“Yikona kanye lokho okungenze ngithathe isinqumo sokuphumula kancane ngoba uma ngilibele nginenkani kuzomele ngilokhu ngiphendulile kanti angithandi ukudalula into ekanjalo”.
Uthe uzohlangana nodokotela wengqondo ozomeluleka ngaphambi kokuthi azi ukuthi ikhefu lakhe ngelesikhathi esikanganani.
NgoMashi nonyaka uToss waduduzwa ngabalandeli bakhe emva kokuqopha inkulumo kwi-Instagram, lapho waze wakhihla isililo ethi udinga uthando. Le vidiyo yayilandela isigameko sokuquleka kwakhe esteji phambi kwezihlwele enandisa.
Uthe inhloso yoMlando kwakuwukuqhamuka nengoma ezodlalwa yinoma ngubani uma ejabulela akuzuzile empilweni futhi uyabonga ukuthi abantu bayijabulela ngendlela ababefise ngayo .
Udalule ukuthi igama elithi Toss walethiwa ngesikhathi esadlala ibhola edlalela (development team) yiqembu leKaizer Chiefs eminyakeni edlule.