UMCULI kamaskandi uKhangelani "DSD" Mhlongo, ususe umsindo ngenoni elisha elithi Ekhosombeni. Kule ngoma uDSD uthi "waze wamuhle womfazi womuntu kodwa ngizomdlelaphi..."
Iningi likhala ngokuthi ingoma iyahlambalaza futhi ayakhi. "Igqugquzela omahlalela ukuba bajole namakhosikazi abantu." Echaza uDSD uvumile ukuthi leli culo alinawo umyalezo owakhayo kodwa lixoxa ngomkhuba owenzekayo emphakathini.
"Ngiyenzele abantu abaye bathande izinto ezingasile abazocula ngazo uma sebedakwe yizinto zabo. Kufanele nabo sibakhumbule (uma siqopha izingoma) ngoba bayingxenye yabantu abenza ingoma ibenesasasa emphakathini. Noma kuwumkhuba ongamukelekile emphakathini kodwa asikwazi ukuwuziba ngoba uyenzeka," kusho uDSD.
Lo mculi waqala ukuzakhela udumo esagidela amaqembu kaMgqumeni Khumalo. Uthe le ngoma iyingxenye yamanoni azokuba kwi-albhamu entsha yeqembu lakhe Osaziwayo, esihloko sithi Imisebenzi KaShenge. Kumanje abantu sebeqalile ukusanganiswa yinoni elithi Izintab'ezikude, okuyingoma uDSD ayicula noNdoni. Leli culo lidanselwa nangosaziwayo okubalwa kubo noKing Nuba.
Echaza ngayo uthe ubekulindele ukuthi ithandwe ngabantu ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla ngesikhathi beyiqopha.
"Impela bengikulindele lokhu ngoba ngiyenze ngokuzithemba ngoba nayo bengiyithemba ukuthi izogila izimanga uma seyiphumile."
Ngaphandle kwalezi zingoma, kukhona nezinye okubalwa nezithi Ungishela NgeData Lami, EMtata, Izinkinga Ziyagibelana, Isigqila Sothando, Ungakhali Ntombazane.
Ebuzwa ukuthi zikhona yini ezehawu (okuyizingoma ezigadla kwabanye abaculi). Uthe zikhona ezimbili ethi Angizange Ngisambiza Ngoba Wasevele EGodole nethi Wayivuma Sengathi Uyayazi.
Le-albhamu uzoyethula eJeppe KwaSkorokoro, eGoli ngoMeyi 30 kusukela ngo-9 ekuseni. Kulo mcimbi uzoshiyelana inkundla noSkweletu, Imfezemnyama, Falabo, Bobo Umfana Wepiki, Inkosi Yamagcokama, Mthakathi nabanye abaningi.
UDSD ngomunye wabaculi abalandelwa yizinkumbi futhi useke wahlabana ngeBest Song of The Year kumaSatma Awards nangeBest Maskandi Album kuMantshontsho Kamaskandi Awards. Ngenxa yamagalelo akhe emculweni waze wayiswa e-USA ngabamaSatma futhi wahlonishwa ngeziqu zobudokotela. Usanda kujoyina iMaz Entertainment.