UDJ Merlon owenza umcimbi i-Anywhere in Your City eThekwini ngoJulayi 6
Image: Instagram
UDJ odabuka eMbumbulu kodwa osehambela amazwe omhlaba ngomsebenzi wakhe, uMerlon ujabulela ukubonakala kweqhaza lakhe ekufukuleni amaciko aseThekwini.
UMerlon uhlomule ngendondo emunxeni wezobuciko emiklomelweni iDurban Tourism Business Awards, abeseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngoLwesine ebusuku.
“Kube yintokozo enkulu ukuthi umuntu ahlomule umklomelo ofana nalona othe ukuhluka kuneminye. Ukubongwa nokubungazwa ngokuthuthukisa isizwe ngokuziphilisa ngezobuciko kusho lukhulu. Ngingomunye wabantu abathatha esikwenzayo njengebhizinisi nokulekelela abanye ukuthi sithuthukise imboni yezokungcebeleka,” kusho uMerlon.
Lo DJ ophinde abe nguphrojusa wodumo lwengoma ethi Koze Kuse ayenza noMondli Ngcobo, uthe uma ehambela amazwe omhlaba, usuke egqamisa iTheku evulela nabanye iminyango.
“Sekuneminyaka sayiqala le nto noBlack Coffee. Abanye esifake isandla kubo wo-Enoo Napa abaphesheya kuyimanje. No-Argento Dust abapheli khona. Sigqugquzela ukubambisana nokusizana singamaciko,” kusho yena.
Uthe uze waqala indumezulu yomcimbi i-Anywhere in Your City, eba seThekwini athe iheha izivakashi hhayi ezivela kwezinye izindawo eNingizimu Afrika kuphela kodwa nakwamanye amazwe.
Ezayo yesikhombisa izoba seHollywoodbets Kingsmead Cricket Stadium ngoJulayi 6.
Kuzobe kuboshelwe u-Oskido, Zakes Bantwini, Culoe De Song, Sun-El Musician, Oscar Mbo, Mörda, Kelvin Momo, Julian Gimes, DJ Zinhle, LeSoul nabanye.
Amathikithi aseqalile ukudayisa eWebtickets.
“Sizokwenza esikubiza nge-back to back edition, lapho abanye bezodlala ngababili. Abantu ababekhona ngoDisemba sinoBlack Coffee, bazokhumbula ukuthi umcimbi usuke ukuliphi izinga,” kusho uMerlon.
Related Topics: