UMAKADEBONA kaDJ waseThekwini, uDJ Bongz, uthi siphelile isikhathi sokuthi amaciko athembele kuhulumeni noma ekuqashweni kuphela ukwenza imali kodwa kumele athathe umculo asebenze nezinkampani ezinkulu.
UBongz owaduma ngengoma ethi Thina Sobabili, uthe amaciko kumele enze izingoma ezizokwazi ukuthi izinkampani zizithathe zizifake ezikhangisweni.
Ukusho lokhu emuva kokukhipha ingoma entsha ethi Lotto ngoLwesihlanu.
"Kumele senze izingoma ezizokwenza kube lula ukuthi sisebenze nezinkampani ezinkulu. Uma ubheka angu-99.9% amathuba okuthi abakwaLotto bayizwe le ngoma bese bayayithatha bayifaka ezikhangisweni zayo," kusho uDJ Bongz.
Uthe ngayo akagqugquzeli abantu ukuthi bagembule budedengu kodwa yingoma enezincazelo eziningi.
"Ayikhulumi nge-lotto njengoba injalo kodwa nayo i-lotto ungayifaka ngoba yinto kahulumeni. Ikhuluma ngokushintsha kwempilo yomuntu. Ungathola into eshintsha impilo yakho kufane nokuthi unqobe i-lotto ngoba nayo iyayishintsha impilo yabantu. Ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa, yingakho abantu besheshe bayithanda ngoba ikhuluma nabo ngqo ezimeni ezahlukene," kusho uDJ Bongz.
Uthe kubalulekile ukwenza izingoma ezinomyalezo ukuze zingasheshi ukuphupha kepha zihlale isikhathi eside emqondweni wabantu.
Uveze ukuthi upheka i-albhamu yakhe entsha.
"Ngiyaqala ukuthi ngikhiphe ingoma bese ngithola imiyalezo kwamanye amazwe, ethi bayayicela emisakazweni yakhona. Izinkampani ezinkulu ngisebenza nazo isikhashana bese okunye ngiyazenzela. I-albhamu yami edlule nje ngiyenze ne-Universal. Uma befuna enye sizohlala phansi sikhulume, angifuni ukuzibophezela ngezinkontileka ezinde, ngimdala manje emculweni. Ngisebenza nabo ngaleso sikhathi."