ABACULI bekwaito uL'vovo noDanger abakhiphe i-albhamu ngokuhlanganyela ngoLwesihlanu, bathi ababumbi iqembu elisha kodwa bayasebenzisana.
Laba baculi bakhiphe i-albhamu ethi S'gubhu Overdoze. Ilandela ngemuva kokuphuma kwengoma yabo ethi, Simnkantsh'ubomvu maphakathi nenyanga.
"Asilona iqembu kodwa sihlanganise umsebenzi ndawonye. Sigqugquzela ubumbano kubaculi nokukhombisa ukuthi usuke ungenzi iphutha uma usebenza nomunye umuntu ngoba lokho kwenza nikhiphe into eseqophelweni eliphezulu," kusho uDanger.
Uqhube wathi ukusebenzisana kwabo akubavimbi ukuthi baqhubeke neminye imisebenzi abayenza eceleni.
"Ngisho nangesikhathi seBig NUZ, uL'vovo besisebenzisana naye uma uMampintsha engakwazi ukuya emcimbini. Namanje njengoba sisebenzisana, umuntu uyakwazi ukuzenzela okwakhe ngoba sihlela ukuthi iBig NUZ ibuye ngonyaka ozayo. NoL'vovo uzozenzela into yakhe futhi. Nakumaskandi abaculi bayakwazi ukukhipha ama-albhamu amathathu kodwa bebe belokhu beshintsha amagama."
Uthe ngesikhathi sokuvalwa kwezwe bebelokhu bengena estudiyo ndawonye ngoba bakhelene.
"Sasilokhu siqopha sizama ukuchitha isizungu. Sithe uma sikhipha iSimnkantsh'ubomvu sabona abantu beyithanda sase sesibona ukuthi ngoba izingoma sinazo, asikhiphe i-albhamu sinikeze abantu," kuchaza uDanger.
Uqhube wathi basebenze noMampintsha, Mlu, Joocy, Efelow, Funky Qla, Trademark, Costah Dollar nabanye.
"I-albhamu inekwaito. Asikwazi ukuyibalekela ngoba isitayela sasekhaya futhi sinabalandeli bethu esisuka kude nabo okungamele nakancane sibashiye. Siyacela abantu baseseke," kuphetha uDanger.