UDADEWABO wendlovukazi yomculo wegqom', uBabes Wodumo, uzimisele ngokuhamba ezinyathelweni zikaBrenda Fassie. UNondumiso Simelane (30), owaziwa emculweni ngelikaScoop, usanda kukhipha umucu ngokuzimela osihloko sithi Dali, ngokubambisana noMdu Ntombela weMalini. Cishe abanye bazomkhumbula uScoop eseyimenenja kaBabes eminyakeni edlule. Uthi akathathi amashansi emculweni ngoba ebona impumelelo kaBabes kodwa useneminyaka eyibambile kule ndima.
"Bengilokhu ngicula kusukela ngisemncane. Njengoba ngiyinkosazane yomfundisi, bengilokhu ngihlabelela kusukela ngineminyaka eyisikhombisa, " kuchaza uNondumiso.
Mayelana negama lakhe lasesteji uScoop, uthi yigama lasekhaya alethiwa nguyise.
“Njengoba ngiyinkosazane ekhaya, ubaba wangetha leli gama ngoba wayelindele umfana kanti kuzoqhamuka le nkunzi eyimina eyintombazane. Wathi uNkulunkulu umnike isibusiso esingangesipuni sokuphaka.”
Uthe okumenze wakhetha ukungena emculweni obekukhonya kuwo uBrenda eminyakeni edlule, wukuthi yilona hlobo lomculo akhule eluthanda.
"Kusukela ngineminyaka emithathu, bengizifela ngomculo we-Afro Pop noweSoul futhi ngizazi zonke izinhlamvu zezingoma ezazidumile. Yilona hlobo engigxile kulo ngisho senguwumculi okhokhelwayo."
Yize ikhono lakhe liqala manje ukugqama kodwa uke waboshelwa ngabaculi abahlonishwayo kule ndima. Abaningi bazomkhumbula kwi-albhamu kaBabes ethi Gqom Queen Vol 1, engomeni yokholo ethi Thula Wazi, lapho ayecula ngokuhlanganyela noBabes noMampintsha.
Kusukela lapho, akabange esabheka emuva kodwa ubuye wezwakala engomeni yeNewlands Finest ethi Maduzane, ekaTNS ethi Gologo nekaGoldmax ethi Linda. Ngaphandle kwalokho uScoop uke weseka izihlabani eziningi zomculo wokholo ngephimbo lakhe, okubalwa uThinah Zungu, Thulani Gah Ndlela, Sgwili Zuma, Malusi Mbokazi, Nobathembu no-Ayanda Shange bodumo lweJoyous Celebration. Nasemicimbini emikhulu yomculo wokholo uScoop upikwe ngabaculi abakhulu ukuba abalekelele ngephimbo lakhe elimtoti. Phakathi kwalabo baculi kubalwa uTebelo Sekwela, Kholeka, Sfiso Ncwane, Jabu Dlamini, Nozipho Phiri, Nomthi Sibisi, Mahalia Buchanan nabanye.
UScoop uthi akazile ukuzosinisa amahleza kodwa uzokhonya. Esikoleni waphumelela kahle u-matric kodwa washiya eseyokwenza unyaka wesithathu ezifundweni zobudokotela enyuvesi.