SEKUQUBUKE umsindo nge-albhamu entsha yama-piano yomrepha wakuleli, uCassper Nyovest, emuva kokuba uphrojusa osafufusa emsola ngokweba isigqi nezinhlamvu zengoma yakhe.
USiphamandla "Catastrophee" Dlamini waseMbazwana (20) uze wabhala nasezinkundleni zokuxhumana ngobuhlungu abuzwiswe wuCassper ekubeni emhlonipha futhi enethemba lokuthi uzomsiza kule ndima.
Isolezwe NgoMgqibelo lizizwile lezi zingoma namavesi alezi zinsizwa. EkaCassper esihloko sithi Bhanoyi ibophele uSemi Tee, Kammu Dee noLady Du kanti ekaCatastrophe ethi Khwesha ipike uNolly M. Echazela Isolezwe NgoMgqibelo ukuthi kungani esola uCassper ngokweba ingoma yakhe, uCatastrophee uthe ngesikhathi ekhipha iKhwesha wafaka isikhangiso esiyi-video promo ababecula kuso maqede wazisa iningi lamaciko adumile, okubalwa naye uCassper ngokuba-tagger ezinkundleni zokuxhumana.
"Osaziwayo abaningi bayibuka le-video promo. Abanye bayincoma futhi babelana ngayo kodwa uCassper wavele wangasho lutho. Kunalokho wavele wantshontsha izinhlamvu nengxenye yezinsimbi zengoma yami ngoba enamandla futhi esaziwa endimeni yomculo," kukhala lo mculi owaqala ukungena kule ndima esafunda uGrade 11 eMlokothwa High ngo2011. Indlela lulu daba olumphethe kabi ngayo uCatastrophee uze walufaka kummeli osezakhele udumo ngokulwela amalungelo abaculi uNomthandazo Shezi weManzi Attorneys ovumile ukuthi selufikile kuye lolu daba kodwa usaluphenya kabanzi.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali ukuphawula kukaCassper ezimhambela kahle izinto kulezi zinsuku njengoba esanda kusayina isivumelwano sikaR100 million neDrip Footwear futhi usanda kudalula ukuthi kunohlelo lwethelevishini aphezu kwalo, oluzovela maduze. Usungule umkhankaso ahlose ngawo ukuqoqa isamba sikaR2 million obizwa nge#SaveNompilo. Akagcinanga ngokukhuluma kodwa ubuye wanikela kuwo ngoR150 000 ukuze kusizakale umlandeli wakhe waseSwatini uTengetile Nompilo Dlamini (26) odinga ukufakelwa iphaphu.