ISIHLOKO: Idandokazi
UMCULI: Babes Wodumo
UHLOBO: Gqom’
UMHLAZIYI: Charles Khuzwayo
EMUVA kweminyaka emine uBabes Wodumo agcina ukukhipha i-albhamu, ukhuze ibuya ngecwecwe elisha elisihloko sithi Idandokazi.
Abanye bazokhumbula ukuthi nge-albhamu eyayithi Gqom Queen, uBabes wanyusa amasokisi kakhulu. Cishe basakhumbula abanye ukuthi yagila ziphi izimanga iWololo kuleli nasemazweni aphesheya. UBabes waze waqokelwa nakumaBET Awards. Wapikwa nakwicwecwe le filimu iBlack Panther.
Ngakho kule yesibili, bengilindele ukuzwa uBabes eqhubeka lapho ayegcine khona. Nebala angiphoxekanga neze ngesigubhu, yize bengilindele amanye amaciko athe thuthu ngokwezinga.
Nizokhumbula kwiGqom Queen ukuthi kwakuboshelwe noD’Banj waseNigeria kwiWololo Remix noCassper Nyovest kwiFamily. Kulena abagqamile nguMampintsha, Dladla Mshunqisi, Tipcee, TNS noMadanon.
Nakuba kunjalo kodwa izingoma ezingichazile ngezithi Zisho, Angeke, eLamont, Abadala, Intombi Yesgebengu, Izitha neWe Mah. Asibonge ukuthi ezingomeni ezingu-13 uMampintsha uzwakala kwezingu-9.
Asethembe kweyesithathu nakulawo azolandela uyozwakala kwezimbili noma kweyodwa zwi. Ngisho ngoba kwezinye izingoma uze akhohlwe ukuthi upikiwe. Uma nje ungalalela Intombi Yesgebengu, kuke kuphele imizuzu emithathu kuzwakala yena yedwa. Ungaze uzitshele ukuthi yingoma ekwi-albhamu yakhe. Okunye engikuphawulile wukuthi uBabes ubuye anqene ukubhala ama-gimmicks.
Kuvele kube sengathi usuke egcina icala. Lokho kwenza abantu abapikayo bamgqibe kube sengathi nguyena opikiwe.
Kungakuhle uma engabuyisa eminye imilolozelo njengoba enza kwiWololo nakwiGandaganda noma acele abanye bamlekelele ngama-gimmicks.
Yize kunjalo kodwa yona le albhamu imnandi futhi isiphumuzile kuma-piano. Ngeke ngimangale uma ingaqokwa emiqhudelwaneni yezindondo, ikakhulukazi kwiBest Dance Album nakwiBest Album ngenxa yesigubhu. Uma uzifela ngegqom’, ingakuphutheli le albhamu.