SIZOBONAKALA okokuqala ngqa eMhlanga kusasa siqopha ingoma yaso entsha isilomo somculo wekwaito osekuneminyaka sagcina ukubonakala siqopha bukhona.
USbu waMaloya owaduma kakhulu ngezikhathi zekwaito yakudala, upike uZuluboy engomeni yakhe entsha ye-Afro Soul ethi Bambethela. USbu uthe le ngoma iphrojuswe uyena uZuluboy futhi umcele ukuthi aphinde acule.
" Ingoma isuselwe eBhayibhelini lapho uJesu azithola esekhashelwa abantu abathembile. Sivula abantu amehlo ngokuthi kukho konke abakwenzayo baqaphele abantu abasondelene nabo," kusho uSbu.
Ngaphandle kwale ngoma uthe ziningi izinhlelo anazo nabasebenzela phezu kwazo noZuluboy. Unethemba lokuthi ubudlelwane ababuqalile buzokhula.
"Kuyangithobisa lokhu ngoba kunabaculi abenza kahle kodwa abakhombisa ukuhlonipha amagalelo ami njengoZuluboy. Lokhu kungenze ngakhetha ukuhlala eThekwini ngisebenze naye. Ngizithole sengisebenza naye ngokunxenxa naye abalandeli beRoyal AM nokuyinto engijabulisile ukuba sebantwini emuva kwesikhathi esinzima seCovid-19 esiphuma kuso," kusho uSbu. Kusasa uSbu noZuluboy bazobe beseChatsworth naseMhlanga beyoqopha ne-video yale ngoma yabo.