UMCULI kamaskandi uPhuzekhemisi
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona, uma likhona yini ekuchazayo ngalo?
ZM: Mina ngijwayele ukuhambela amabandla ehlukene. Maningi kakhulu esingike ngawahambela. Kodwa ekhaya bakhonza ebandleni lamaRoma aKhatholika.
NC: Ngabe kuwena umkhuleko usho ukuthini futhi ubaluleke kangakanani?
ZM: Umkhuleko uyinto emqoka kakhulu kunoma ngubani osaphila. Kanjalo nakumina ubalulekile kakhulu. Ukukutshela nje iqiniso, umkhuleko uyithemba lami elikhulu.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima kakhulu osuke wabhekana naso empilweni yakho obonga kakhulu uNkulunkulu ngokukuhlenga ngesikhathi ubhekene naso? Uma sikhona kwakwenze njani?
ZM: Ngaphambi kokuba ngibe wumculi, ngike ngathwala kanzima, izinto zimapeketwane zingahlangani. Ngikhumbula kahle ukuthi ngike ngahola uR5 kwenye inkampani yaseThekwini, eyayikade ingiqashile. Yagcina isiyikhuphula ngoR2 ngase ngihola uR7. Kwaba ngcono sengiqashwe ngenye eyayingiholela uR25. Impela ngiyambonga uNkulunkulu ngokungitakula kuleso simo engingasoze ngasilibala.
NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elijulile, yiziphi izinto ezimbili ongathi uyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokukubusisa ngazo futhi zisho ukuthini kweyakho impilo?
ZM: Okokuqala; ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngokungibusisa ngesipho sempilo okuyinto enkulu kunazo zonke. Okwesibili; uNkulunkulu ngithanda ukumbonga ngomndeni enginawo, uyisibusiso esikhulu kimina. Yiwona kanye umndeni wami onginikeza amandla ngaso sonke isikhathi.
NC: Ngabe likhona ivesi elilotshwe embhalweni oNgcwele elikugqugquzelayo kakhulu, ikakhulukazi uma ubhekene nezimo ezinzima?
ZM: IBhayibheli ngilithanda lonke, ngabe ngiqamba amanga uma ngingase ngithi kukhona leli elilodwa engilithanda kakhulu kunamanye.
NC: Ngabe uke umbonge kodwa uNkulunkulu ngempumelelo enkulu akubusise ngayo endimeni yezomculo?
ZM: Ngiyohlale njalo ngimbonga uNkulunkulu ngempumelelo enkulu kangaka angibusise ngayo emculweni kamaskandi. Mina ngikholwa ukuthi konke okuhle kuvela ngaye uNkulunkulu.
NC: Yize sewukhulile ngeminyaka kodwa yini ofisa ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo, mhlawumbe eminyakeni embalwa ezayo ?
ZM: Mina ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu agcine abantwana bami nabo bakwazi ukuphila impilo engcono ngaphandle kokuswela umsebenzi. UNkulunkulu emuhle, ngiyazi ukuthi nakanjani kuzoba njalo.