UBONGA ukuqokwa emcimbini walo nyaka, amaSABC Crown Gospel Music Awards, okokuqala emkhakheni womculo wokholo u-Esihle Siwela, yize engabuyanga nendondo.
U-Esihle owazalwa wakhulela eMgungundlovu, useveze ukuthi kumshayise ngovalo ukwamukelwa ngalolu hlobo kulo mkhakha aqale ukukhipha ingoma kuwona ngo-2018.
“Ngikhiphe ingoma ethi Uyinkosi eyenze kahle kakhulu, abantu bayamukela futhi yadayisa ezindaweni ezifana noGoogle Play. Kube uhambo oluhle emculweni wokholo.
“Ngangeniswa futhi ngayithanda indlela okuculwa ngayo. Ngajoyina ithimba lasesontweni ngaphinde ngaba semaqenjini ahlukene omculo wokholo kwaze kwaba sengiyazimela,” kusho u-Esihle.
Uveze ukuthi kumaCrown ubeqokwe ngengoma yakhe ayikhiphe ekuqaleni kwalo nyaka ethi Ingeyakho, emkhakheni weBest Contemporary Gospel Song.
“Nayo le ngoma yenze kahle, yingakho ngivele ngathatha isinqumo sokuthi ngingenele ngayo kulo mcimbi. Ngiyazibonga ukuthi angibanga nalo uvalo lokuba yingxenye yamaCrown. Ngivele ngathumela ngaqokwa, kwangijabulisa futhi ukuba nabanye abaculi abadala kulo mcimbi ngesikhathi ngiyingxenye yawo,” kuchaza yena.
Ekuqaleni kukaDisemba uveze ukuthi uzokhipha i-albhamu yakhe ethi My Seasonal Presentation.
Le albhamu uthe iqukethe izingoma ezizojabulisa abantu ngesikhathi samaholidi kuze kushaye iPhasika.