UTHUKUTHELE uyaveva umculi kamaskandi wesifazane uBoneni Magubane, emuva kokuba abahleli bendumezulu yomcimbi i-37th Soweto Festival Expo, bembambise udonga. UBoneni oseke wahlabana ngendondo yeBest Female Artist kumaSatma, nakuMantshontsho KaMaskandi Awards ngo-2012 nango-2013, uthi wanandisa kulo mcimbi eJabavu Stadium ngoNovemba 28 nyakenye.
Uthe bamqasha njengomuntu ozobe ezokhangisa ngomculo wakhe kanti wumcimbi omkhulu futhi waminyaka yonke. Uthe yingakho bagcina bevumelene ngoR5 000.
"Ngabe sengishayelwa ucingo ngomunye owayesethimbeni labahleli, uDan (Phiri), efuna ngibayalele lapho ngihlala khona ngoba befuna ukuza. Bafike bangishutha i-video yokukhangisa ngomcimbi wabo. Yilapho ngabona khona ukuthi wumcimbi omkhulu. Babe sebenginikeza iphepha lesivumelwano ukuba ngilisayine maqede bangikhokhela imali eyisibambiso uR2 500. Bezobuye bangifakele omunye uR2 500 osele." Uthe eseqedile ukunandisa abahleli bomcimbi ababange besasigcina isithembiso sabo.
"Ngithe uma sengithinta uDan naye wanginikeza inombolo kaZama (Qambi) athi angikhulume naye ngoba nguye umnikazi weSoweto Festival Expo. Ngimshayele ucingo uZama ngenyanga edlule, wathi uzobuyela kimi kodwa lutho. Ngiphinde ngamshayela ngesonto eledlule kodwa wathi akangazi yena, angimthumelele imininingwane yami ngeSMS ukuthi ngingubani? Ngangenzani futhi kuphi?“ Uthe nalokho wakwenza kodwa wangabe esabuyela kuye.
"Ngabuye ngamshayela ucingo, wathi angikhulume noDan ngoba yena akazi lutho. Uma ngibuyela kuDan naye uthi angikhulume noZama."
Isolezwe NgoMgqibelo libe selithinta uDan wathi yena ubesiza kwiSoweto Festival Expo.
"Akusiwo umcimbi wami, naye (uBoneni) unayo imininingwane yomnikazi wawo. Akakunikeze ukuze ukhulume naye," kunqamulela uDan.
UZama uthe akayedwa uBoneni kodwa maningi amaciko agcina esenandisa mahhala ngenxa yokuthi babengaxhasiwe nguhulumeni.
“Sasiqashe amaciko angu-37. Iningi lawo sagcina sesilinikeza imali kaphethiloli ewuR2 500 kwathi amanye avolontiya. ICovid-19 yasilimaza kakhulu. Asinamali ngisho ebhange. Sisalindele uR66 000 esiwuthenjiswe uhulumeni waseGauteng ukuba sipheshapheshe,” kuphendula uZama.