BASOLA uMasipala weTheku ngokubenza ibhola abagqugquzeli bomcimbi Umkhumbane Jazz & Soul, obuzoba sezinkundleni zemidlalo eCato Manor obhuntshe ngomzuzu wokugcina. Bekumele usingathwe izolo.
UMdu Mkhize, ongomunye wabahleli bawo, utshele leli phephandaba izolo ekuseni ukuthi bathathe isinqumo sokuwuhlehlisa ngenxa yokuthi umasipala kawubanikezanga izimvume zokuqhubeka nawo.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe akazi ngalo mcimbi kodwa uma kukhona akutholayo uzophawula. Ukhale ngokuthi kuzoba nzima njengoba bekuyiSonto.
UMdu uthe bekumele bathole imvume yokuqhubeka nomcimbi ehhovisi lezempilo likamasipala nophiko lwezamapaki.
"UMasipala yiwo osigundele utshani, wasifakela nogesi enkundleni ngoba wazi ukuthi sizoba nomcimbi. Obese kusele wukuthi sithole izimvume, okuyinto ebesibona ukuthi sizoyithola. Yingakho siqhubekile nokukhangisa. Sihambele uMnyango wezeMpilo, balokhu bebhala becisha. Nowamapaki wathi kawukwazi ukusinika imvume singakayitholi eyakowezempilo. Bebelokhu besisa le nale," kusho uMdu.
Uthe baphoxekile ngoba bebefuna ukusiza umphakathi waseMkhumbane ngokuthi badale amathuba omsebenzi kubantu abasha basendaweni, bafukule nomnotho ngokusebenzisa amabhizinisi endawo.
"Bese siqalile senza izinhlolokhono zabaculi abazonandisa, senza nezinkundla zokucobelelana ngolwazi kodwa umkhandlu wadlala ngathi ngale ndlela. Ukhona lo ohlalele ukusiny+*a ."
Uthe bafuna ukuqhubeka nomcimbi ngempelasonto ezayo kodwa abakabi naso isiqiniseko okwamanje.
"Sinqena ukubeka usuku bese siphinde siyaphoxeka. Sizama neminye imizamo yokuthi sithole indawo ezimele ngoba khona akudingeki wenze yonke le midanti. Noma kanjani kodwa umcimbi uzoqhubeka ngoba kawukho nowodwa umthetho wokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19 esiwephulayo. Sidayise amathikithi angu-200 kuphela futhi enkundleni bekuzoba nabantu abangu-300."
Uthe bazoxhumana nabathenge amathikithi abebiza uR150 eWebticket ngokubuyiselwa imali yabo, uma bengathandi ukuya ngosuku abazolunquma.
Emcimbini bekuzonandisa uSjava, Naima Kay, Blaq Diamond, Skye Wanada, DJ Muntu, Langa Mavuso nabanye.