UMANGELE indlela abayamukele ngayo ingoma yakhe umculi waseThekwini, uDladla Mshunqisi, ayiqophe sakudlala nesiphenduke intandokazi ezinkundleni zokuxhumana.
UMshunqisi usenengoma entsha ethi Driver Ngicela Ukwehla evele yazingenela kwabaningi esanda kuyethula.
Echaza ngale ngoma, uveze ukuthi ubehamba nomunye wamalungu ase-Afrotainment, uSenzo Shezi, bebuya ekugcotshweni kwemeya entsha yaseMhlathuze uma sekumele asale esitobhini, wavele wacula sakudlala.
Uthe yonke le nto yenzeka ngokukhulu ukushesha naye ememeza ezidlalela.
"Kwakudlala i-mix kaKid owaziwa ngokuthi uDj Shandisi, ngavele ngahlanganisa amagama, ngathi ekhoneni ngicela ukusala. Ngadlala ngamagama kwaphuma ushunqo," kusho uMshunqisi.
Ukuhlanganisa ingoma ngesinye isikhathi, uMshunqisi, uthi ukwenza mahlayeni ngoba vele ungumuntu wabantu abahlala belangazalele ukumuzwa eshaya amancoko ebajabulisa.
Ezinkundleni zokuxhumana selokhu kukhulunywe njalo ngayo. UMshunqisi uthi akusekho okunye, sekuphelile ngayo njengoba seyidume ngalezi zinhlamvu, akusekho okusazoshintsha.
Eqhuba, uMshunqisi uthe kuningi aza nakho ngala maholidi emculweni ngoba into esisegazini kuye ukuhlanganisa izingoma. Ukusebenza nabantu abahlala bemeseka nabakhonze amancoko akhe, kwenza umsebenzi wakhe ube lula kakhulu ngoba bayameseka kuzona zonke izinto.
Ephetha, uthe selukhona nohlu lwemicimbi aqashwe kuyona njengoba sekuyisikhathi semicimbi nathemba okuthi lo Disemba uzoba ngongcono nowehlukile uma uqhathaniswa nowedlule.