UBabes uchaze abantu abaningi ngesikhathi ebonakala ekhasini lakhe le-Instagram ecula e-studio ingoma yokholo esihloko sithi Sikuzwil’ Ukukhala Kwabalahlekile.
Kwenzeka lokhu nje uBabes ubesanda kubonakala esenkonzweni ebikwaMaphumulo ngeSonto. Imizamo yokuthola uBabes ayiphumelelanga kodwa imenenja yakhe futhi engudadewabo, uNondumiso Simelane, ithe uBabes ubekhumbula ugogo ozala uyise, uMaZuma.
“Lena yingoma eyayikhonzwe wugogo. Wayesiculisa yona uma sekuzothandazelwa ukulala. Aphinde asivuse ngayo uma sekuzothandazelwa ukuvuka.”
UNondumiso uthe ziningi izingoma zokholo eseziqoshwe wuBabes.
“Njalo uma ezizwa ebhorekile, uqonda e-studio afike aqophe ingoma. Ziningi nje aseziqophile maqede wazigcina. Enye wayiqopha noMampintsha, uBetusile noJumbo eyayithi Angisabaweli.
“Nakwi-albhamu yokuqala ikhona ingoma ayenza futhi kwakucula mina kuyo.”
Uthe esontweni ubevakashile ngoba kuyinkonzo enkulu kanina.
“Bamsukumisile ukuba azobingelela abazalwane. Nale ngoma ethi Masimbonge yayithandwa kakhulu ugogo ozala umama.”
Eqhuba uthe kumhambela kahle emculweni futhi usanda kuklonyeliswa ngeMulti-Platinum Award ngenoni lakhe elalithi Wololo.
“Umklomelo okufanele ngabe kade awuthola njengoba esewunikwa manje yi-Electromode,” kuphetha uNondumiso.
Kulezi zinsuku uBabes ushisa izikhotha ngengoma ethi ELamont futhi ekwi-albhamu yakhe yakamuva ethi Idandokazi.