Ezokungcebeleka Umculo

U-TDK usolwa ngokweba ingoma

Fanelesibonge Bengu|Published

U-TDK Macassette ukhiphe ingoma entsha ethi Mashobana okuthiwa uyintshontshile. Isithombe: Sithunyelwe

UMCULI wegqom’ waseThekwini, uTDK Macassette, uthi uzoludlulisela ezikhulwini udaba lokusolwa ngokweba ingoma.

Ukhiphe ingoma yakhe entsha ethi Mashobana etholakala ezitolo zomculo ze-internet.

U-DJ Bruceleigh ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uTDK webe ingoma yakhe benoWoza Sabza ethi Qekeqe.

Imenenja yabo, uTshepo Nhlabathi, ithe basola ukuthi uTDK uthathe ingoma yabo abayikhipha ngo-2019.

“Sezwa kuthiwa uyayicula ngonyaka odlule kodwa sanganaka ngoba singenabo ubufakazi. Sithe uma sesiyizwa eseyikhiphile, sazama ukuxhumana naye ukuthi akayikhiphe ezitolo ngoba eyethu. Uthe asimthumele i-email kodwa wasiziba,” kusho uTshepo.

Ngokwabo bebefuna ukuthi uTDK ahoxise ingoma yakhe phakathi kwamabili ngoMgqibelo kodwa akwenzekanga ngoba isatholakala namanje.

Uthe akusekho abazokwenza ngaphandle kokuthatha izinyathelo zomthetho ngoba akuxoxeki.

U-TDK uthe ingoma ngeyakhe futhi nguye owayikhipha kuqala.

Uthumele i-video eveza ukuthi wayiqopha kuWhatsApp ngoFebhuwari 2019. EkaDJ Bruceleigh kuvela ukuthi yaphuma ngoMeyi ngonyaka ofanayo.

“Ngathi ngiyicula ngenza i-video bukhoma ku-Instagram, abantu bahlanya. Ngaleso sikhathi angikwazanga ukuyikhipha ngoba ngokohlelo lokusebenza e-Universal ngangikhipha iLeft, Right. Bese ngilokhu ngiyicula kuzona zonke izindawo engizihamba kuzo. Ngicabanga ukuthi bayizwa khona. Angisoze ngathatha ingoma yomunye umuntu. Ngizoyekelela konke e-Universal,” kusho uTDK.