INKAKHA kaDJ u-Oskido, ipike umethuli wezinhlelo zethelevishini uPearl Thusi, eculweni layo elisha.
UPearl , obuye abe ngumlingisi, upikwe engomeni entsha ethi Une Mali esanda kukhishwa yilo DJ.
“ UPearl unamakhono amaningi. Uthe uma engitshela ukuthi angayenza ingoma nami ngase ngithatha isinqumo sokuthi singene estudiyo, lapho kufike kwacaca ukuthi uyayazi into akhuluma ngayo,” kusho u-Oskido.
Kuleli culo u-Oskido upike noNokwazi noFocalistic. Ulishaya ngesigqi sakudala kanti ne-video yalo iveza indlela okwakugqokwa ngayo kudala.
“ Empeleni sibuyise isigqi somculo waseSophiatown. (Ngale ngoma) bengifuna ukukhumbuza abantu ngendlela okwakuculwa ngayo kudala nendlela abantu bangaleso sikhathi ababethanda ukubukeka ngayo. Akumele sikhohlwe lapho siqhamuka khona. Okuhlukile ngalo wukuthi ngisebenzise abaculi abasebancane njengaye uFocalistic ukuze kubonakale ukuthi yiculo elisha futhi sihambisana nesikhathi,” kuqhuba u-Oskido.
Uthe ukukhipha leli culo akusho ukuthi usezokhipha lolu hlobo lomculo njalo kodwa wenza umculo anomuzwa wokuwenza ngaleso sikhathi, nokucabangela abathandi bomculo ukuthi bathole uhlobo abaluthandayo.
Uveze ukuthi akekho ezinhlelweni zokukhipha i-albhamu ngenxa yokuthi esikhathini samanje, ingoma idayisa ngisho iyodwa ngenxa yezinkundla ezidayisa umculo nge-internet.
Okunye athe umatasa nakho ukuqopha abaculi abebekuma-Idols SA nyakenye njengoba iKalawa Jazzme Records, isebenzisana nalo mqhudelwano waminyaka yonke.
Ngaphandle komculo u-Oskido uthe usenendawo yakhe yokudla iBaruma by Oskido eseWaterfall, eGoli. Uthe ukuhlasela kweCovid-19 kumvule amehlo ngokuthi acabange namanye amabhizinisi, angagxili emculweni kuphela njengoba kuvalwe imicimbi amaciko athwala kanzima ukuthola imisebenzi.