UMREPHA osekunesikhathi enyamalele * -iFani, uthi ubuye ngokugcwele kwezokungcebeleka futhi unohlelo olusha kwiSABC3 kanti uzokhipha nomculo omusha.
U-iFani wazakhela udumo ngezingoma okubalwa i-Ewe, Shake, Milli nezinye eminyakeni edlule.
Uhlelo lwakhe i-Amah Knows Best oluqale ngesonto eledlule, ludlala ngoLwesithathu ngo-8.30 ebusuku.
“Uhlelo ngolokuhambela izindawo ezahlukene bese kuyadliwa. Ngihambela eChina ngiyofunda ngempilo yakhona nokudla kwakhona. Lukhombisa nezinye izindawo esingazihambela hhayi ukuthi uma siya phesheya siya e-USA ,” kusho * -iFani.
Uthe uhlelo lwakhe waluqopha ngonyaka odlule ngaphambi kokuthi kubhebhetheke igciwane iCorona.
“Ngibuyile ngokugcwele kwezikaqedisizungu njengoba ngasho ngonyaka odlule. Inkinga ukuthi abantu uma uthi ubuyile balindela ukubona izinto ngaleso sikhathi. Njengalolu hlelo nje, kade ngaluqopha kodwa ludlala manje,” kuchaza yena.
Uthe into emjabulisayo ukwenza umculo ngaphezu kohlelo nathi kwenziwa ukuthi uhlelo kade aluqopha.
Uthe njalo ngemuva kohlelo ukhipha ingoma entsha.
“Njengoba uhlelo luyiziqephu ezingu-13, nezingoma engizikhiphayo zizoba ngu-13 uma seziphelele. Ezingomeni ngifaka abantu abangaziwa bese ngithi bapike mina. Angifuni kube yimi ogqamayo. Umculo ngawushiya ngenxa yezizathu.
“Ngangingajabule kodwa ngingazi ukuthi yini edala lokho. Ngahlaba ikhefu ukuze ngizithole mina. Ngibone ukuthi eduze kwami ngidinga abantu abango ngqo abangasondeli kimi ngoba befuna imali noma udumo. Yingakho ngenza ngale ndlela ngoba ngisebenza nabantu abaneqiniso.”