NOKUBONGWA PHENYANE
INTOKAZI yaseMpangeni uDJ Happygal, ikholwa ukuthi ukukhipha ingoma yayo ethi Bayaphithizela, kuzokwenza abantu bavuke bazithathe.
Le ngoma uthe uyikhiphe ekuqaleni kwale nyanga, okuthe ngeledlule waqopha i-video yayo eThekwini, ezophuma maduzane.
Ukhipha le ngoma nje nyakenye ukhiphe ethi, Injabulo apika kuyona uGigi Lamayne.
“Njengoba ithi Bayaphithizela nje, ngichaza ukuthi sekuyisikhathi lapho eminye iminyango ebikade ivaliwe ngesikhathi sikathaqa wezwe, isivuliwe. Asisukume sizithathe senze konke esingakwenzanga ngenxa yeCovid-19.
“Abantu abasukume basebenze. Bahambe bayoqedela esikoleni. Siqhubeke nempilo senze imali ukuze siphile. Ingoma ibuyisa ithemba, engingangabazi ukuthi abantu bazoyijabulela ngoba inomyalezo,” kuchaza uHappygal.
Uveze ukuthi kuyona usebenze noThenjiwe osanda kungena endimeni yomculo nophrojusa waKwaMashu, uK Fanky.
“Ingoma enesigqi se-Afro track, ngiyakholelwa kakhulu ukusebenza nophrojusa nabaculi abasafufusa njengoba benethalente elimangalisayo.
“Nginethemba lokuthi le ngoma izoba ngezinye ezizodansisa abantu ngesikhathi samaholidi. Kodwa ngiyabanxusa futhi abantu ukuthi bajabule kodwa baphephe njengoba isihlava esibhekene naso singakapheli,” kuchaza uHappygal.
Le ntokazi isingene nasekulingiseni kuthe kuqala umdlalo iDurban General, yaba ngomunye wabalingisi abavelayo kuwo.
UHappygal uveze ukuthi akukapheli ngaye kulo mkhakha wokulingisa futhi kukhona omunye umdlalo awuqopha eKapa.
UDJ Happygal uthembisa lukhulu ngengoma yakhe entsha ethi, Bayaphithizela ayikhiphe ekuqaleni kwale nyanga
Isithombe: SITHUNYELWE