ITHAKASELWA ngisho phesheya kwezilwandle ingoma kaBabes Wodumo entsha ethi Lamont. Le ngoma kaBabes Wodumo isiphenduke undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi izihlabani zaphesheya zibonakale ziyadansela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uBabes Wodumo usanda kudedela i-albhamu entsha ethi iDandokazi. U-Alicia Keys ongumculi nomyeni wakhe uSwizz Beatz naye onguphrojusa bebengcebeleke nezingane zabo ngempelasonto begubha iminyaka eyishumi bethandana nokuyilapho ebebezithokozisa ngomculo ohlukene.
Phakathi kwama video abawafake emakhasini abo ku-Instagram kukhona nekuzwakala kuyo ingoma kaBabes Wodumo ethi Lamont, akugcini lapho kodwa u-Alicia uyayidansela ebematasa ezwakala ecula ngesiZulu uSwizz.
Nezingane zabo ziyangena zijoyine unina zidansela le ngoma kaBabes Wodumo. Lokhu kuchaze abantu abaningi kuTwitter naku-Instagram, babodwa abathi lokhu kuyakhombisa ukuthi lo mculi unekhono. Abanye bathi emuva kwesikhathi eside kucwebe isiziba kodwa kubukeka ebuye ngezinkani emculweni futhi kumvuna ndlela zonke.
UMampintsha oyisoka lakhe nobhekelele umculo kaBabes Wodumo uhlukele ngisho ukuzibamba wanikela ekhasini likaSwizz wadlulisa amazwi okubonga.
Abalandeli baBabes abaningi bakujabulele kakhulu lokhu okwenzekile njengoba bese kubonakala sengathi intandokazi yabo isiwile emculweni. Abaculi abaningi bakuleli nabo bakhombise ukumjabulela kakhulu uzakwabo uma eshisa izikhotha naphesheya kwezilwandle.