SEKUSUKE umbango ngezinsimbi zengoma phakathi kwenkakha kaDJ uPrince Kaybee nophrojusa uTNS, okuthiwa uwuthathe wawunika uMampintsha waqopha ingoma yakhe esematheni kulezi zinsuku, iJoburg.
Umthombo weSolezwe ngeSonto ongashayi eceleni uveze ukuthi kumanje uPrince Kaybee usethathele uTNS izinyathelo zomthetho njengoba aqala ngokunika yena lo msindo waqopha ingoma yakhe yanyakenye, iChurch.
Kuthiwa ngesikhathi uTNS esehamba enkampanini kaPrince Kaybee njengoba sebexabene uthathe izinto zakhe nomsindo weChurch wawunika uMampintsha asesebenzisana naye manje.
Umsindo wengoma kaPrince Kaybee apike kuyona uLavish iChurch ufana ncamashi nowekaMampitsha apike kuyona uTNS, iJoburg.
“Le nto eyenziwe wuTNS ibe ngubuxoki ngoba ubazi kahle ukuthi lo msindo ususebenzile engomeni kaPrince Kaybee kodwa waphinda wawunika uMampintsha. Inkinga kaTNS ukuthi uzama ngayo yonke indlela ukuqhudelana noPrince Kaybee ngoba ezama ukukhombisa ukuthi naye useyakwazi ukuzimela njengoba bengazwani. Yingakho ethatha nezinto ayesezinike uPrince Kaybee wazinika abanye abantu,” kusho umthombo.
Ebuzwa uPrince Kaybee kuWhatsApp njengoba ebengaluphenduli ucingo lwakhe uma eshayelwa, ube wumuntu ongazi nokuthi ingoma kaMampintsha enezinsimbi ezifana nezeyakhe isiphumile. Ubuze ukuthi isiphumile yini ingoma, wathi akayazi.
U-TNS uthe akaliboni iphutha ngokuthatha lo msindo awunike uMampintsha ngoba vele owakhe.
“Ngangingamdayisele uPrince Kaybee lo msindo. Ngangimnikile nje ngoba sisebenzisana. Nginelungelo lokuthi ngiqhubeke nokuwusebenzisa ngoba owami. Futhi akukho engingakukhuluma naye ngawo ngoba vele sesavalelana nasezingcingweni asisaxhumani.
Njengamanje ngingathi asinankinga naye ngoba akukho vele okusihlanganisayo. Uqhubeka nempilo yakhe nami ngiqhubeka neyami. Ngeke silokhu sibanga into eyodwa isikhathi eside,” kusho uTNS.U-TNS uthe kumanje yena umatasa nomculo wakhe njengoba ezokhipha i-albhamu yakhe entsha iMadlokovu King of African House ngoSepthemba.
Uthe kuyona kukhona nengoma yakhe ethi Umona ethandwa kakhulu abantu. Uveze ukuthi i-albhamu uzoyikhipha ngaphansi kwenkampani yakhe iTNS Music Records njengoba esezimele.
Zizwele ukufana kwalawa maculo:
ElikaPrince Kaybee: