UMASKANDI sewuphinde wagqemeka udume lwengozi ngokudlula emhlabeni kwenye yezingwazi zalo mculo, uZaba Samson "Skhindi Sabesuthu" Zondi obedume ngokudlala inkositina.
Ngokusho kukamshana wakhe, uNksz Sanelisiwe Ngcobo, umufi ushonele ekhaya izolo ngezithuba zabo-5 ntambama emuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi.
USkhindi Sabesuthu (68) wasesigodini saseNdaka, eMalangeni eNdwedwe, waqala ukwaziwa kule ndima esasebenza nomufi uLahlumlenze Nxumalo engomeni eyayithi Wisoso Wingilazi lapho babedlala khona izinkositina. Udumo walithola kakhulu esedlalela uMfazomnyama e-albhamini eyayithi Ngahlanza Ngedela. Wabe esedlalela abaculi abaningi okubalwa kubo uPhuzekhemisi, Indidane, uKhuzani, Imithente, uKapteni, Othandekile, INgcwengana Elihle, Isilomo SakoZwide nabanye. Naye wake wakhipha i-albhamu yakhe ehamba yedwa eyayisihloko sithi Imbokodo.
Nge2010 World Cup uSkhindi Sabesuthu wathola ingqayizivele yethuba lokusebenza nengwazi edume umhlaba wonke, uR Kelly. Nakwi-#Gcwalis'iMabhida Festival nguye owayedlalela uKhuzani inkositina ngesikhathi esenandisa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-2019 phambi kukaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa nezinye izicukuthwane.
Wake wahlabana ngomklomelo weBest Concertina Player kuMantshontsho Kamaskandi Awards eminyakeni eyedlule. Noma ebesezungeze umhlaba wonke ngalo mculo, uSkhindi Sabesuthu uze wahamba emhlabeni engakaze wakuthola ukuhlonipheka okufanele endaweni adabuka kuyo. Umufi ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe uMaNgcobo nezingane ezine. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphothulwa amalungiselelo omngcwabo.