YIZE inoni lomculo wegqom', elisihloko sithi Gobisiqolo, lishise izikhotha kuleli naphesheya kwezilwandle njengoba laze laboshelwa nasefilimini edume umhlaba wonke, iBlack Panther, nasemidlalweni wethelevishini, iJiva, kodwa umqambi walo, uSibonelo "Bhizer" Dimba, uthi akakaze wathola ngisho indibilishi ngokudayiswa kwalo.
UBhizer usola ukuthi izizumbulu zemali, obekufanele azithole, ziqhumuzwe wumphathi wakhe, uBobstar Mdlongwa, ongumfowabo kaDJ Oskido.
Njengamanje laba baculi, uBhizer noBobstar abasabhekani.
"Kuyangixaka mina lokhu, ukuthi njalo kufanele ngilwe ukuze ngithole izimali zami engizisebenze kanzima," kusho uBhizer odabuka eMgababa.
UBhizer uthe sekuyisikhathi sokuthi umphakathi wazi ngokudliwa kwamandla akhe. Uthe selokhu le ngoma yaphuma ngo-2016 akakaze wayithola imali yamaRoyalties ngokudlalwa kwaleli culo emisakazweni naseziteshini zethelevishini. Isolezwe NgoMgqibelo libuye lathola ukuthi le ngoma ibuye yenziwa kabusha nawuDJ Pilasom neKwasta Gang futhi ikwifilimu emfishane yopopayi nayo ebizwa ngeGobisiqolo.
Ebuzwa uBobstar ngalokhu, uthe sekukaningi uBhizer emqambela amanga kubantu, ethi udle amandla akhe. U-Bobstar uthe iBlack Panther yakhokhela wonke umuntu, ngisho noBhizer, kudala kabi.
"Abantu abangakakhokhi wumdlalo wethelevishini. Ngamazisa uBhizer ngawo ukuthi ufuna ukusebenzisa ingoma yakhe. Savumelana kodwa mayelana nenkokhelo kusazolandelwa imigudu." Uvumile uBobstar ukuthi usayilungisa indaba yokukhokhelwa kukaBhizer nemali yokudayiswa kwengoma yakhe, iGobisiqolo.
"Ngabe kade akhokhelwa uBhizer, nguye owavele wanyamalala, wasibhlokha efonini nakuma-email. Ungasebenza kanjani nomuntu onjalo? Usevumbuka manje ngoba esefuna ngimnikeze imali. Akulula njengoba ubesenyamalele, kufanele kulandelwe imigudu." Uthe uBhizer uyazi ukuthi uyayilwa indaba yokuba akhokhelwe futhi neSolezwe NgoMgqibelo liwabonile ama-emali athunyelwa nguBobstar kwi-Universal Music efuna kukhokhelwe uBhizer nayebapike engomeni. UBhizer uthi akukhomali ayithola ivela kwabeBlack Panther ngoba kuze kube manje akakawatholi amaphepha aqinisekisa ukuthi wakhokhelwa malini.
Akukhona okokuqala kunombango wemali phakathi kwabaculi ngendaba yeBlack Panther. NeDistruction Boyz yake yatholana phezulu noMampintsha kusolwa ukuthi lesi sikhulu seWest Ink saqhumuza izigidi zeDistruction Boyz ezazivela kwiBlack Panther ngeWololo.