UMSINDO osuqubuke phakathi kwendodana kaMgqumeni nabazala bakhe ngenxa yombango wamaqembu abawangamele sewushubile njengoba sewudingidwa ngabantu abadala bomndeni.
Indaba iqale ngesikhathi indodana kaMgqumeni, uLusanda Khumalo, idalula ukuthi uNdlemnyama Mseleku nomnewabo, uSkhevane Mseleku bagweve namaqembu kayise.
KuMbuso Wamaciko kwiGezani Media Productions, uLusanda uthe akaziboni ehola amaqembu kayise ngoba abazala bakaMgqumeni abasafuni ukugudluka kuwo.
Uthe okubuhlungu wukuthi ngesikhathi besebancane batshelwa ukuthi uSkhevane noNdlemnyama babambele bona kula maqembu ngoba basebancane.
"Kumele ngikhulume amaqiniso. Sikhula thina kwathiwa amaqembu bawakhela thina size sikhule ngoba sasisebancane. Kwaze kwakhandwa negama elithi Abafana BakaMgqumeni. Njengoba sesikhulile akusenzeki lokho, selondla bona nezingane zabo."
Eqhuba uLusanda uthe isenzo sabazala bakayise sesimenze wathatha isinqumo sokuzakhela elakhe iqembu, Abadlwane BeBhova.
"Kubuhlungu kakhulu lokhu okwenzekayo. Ngicabanga ukuthi sonke ekhaya siphatheke ngendlela eyodwa. Kubuhlungu kakhulu ngoba ekhaya ziningi izingane ezinamakhono. Inkinga indlela yokuthi ziwaveze ayikho. Yingakho mina ngithathe isinqumo sokuba ngiwaveze ngoba anginamona."
Ebuzwa ukuthi angamsekela yini omunye wabafowabo uma ethatha isinqumo sokuwangamela amaqembu ashiywa nguyise, uLusanda uthe engamesekela kakhulu. Ethintwa uNdlemnyama ngezinsolo ezishiwo nguLusanda, ucele ukuba angaphawuli ngenxa yokuthi sekuwudaba elubucayi.
"Sisalubikile emndenini. Angikwazi ukuphawula ngalo umndeni ungakaludingidi. Lujulile kakhulu kithina siwumndeni."
UNdlemnyama uthe uzophawula kuphela uma udaba selukhulunyiwe wumndeni ngoba izwe kufanele lilazi iqiniso. ULusanda wake wabangwa ngabazala bakhe nowayeyigidangoma likaMgqumeni, uJaiva Zimnike kodwa uLusanda waqoma ukugida kuJaiva ngoba ethi kuningi amfundisa khona. ONdlemnyama baqala ukuhola amanye amaqembu kaMgqumeni emuva kokushona kwakhe ngo-2009. Yize Amagcokama aqala ukuholwa nguKhangelani Mhlongo ngaphambi kukaMthethowakhe Langa kodwa agcina esewele kuNdlemnyama. Nakuba kunjalo kodwa sebegxile eqenjini abalisungula emuva kokudlula emhlabeni kukaMgqumeni, Abafana BakaMgqumeni, okuyiqembu eselibalwa namanye amakhulu njengoba selibuya eSeychelles naseRussia.