UMCULI we-afro pop uNomakhosini, wodumo lwengoma ethi Angisafuni Ngami, ayishaya noMnqobi Yazo - usedalule ukuthi ukuqonda ukuthi abantu bangakubo babambe iqhaza elikhulu elingakanani ukumbeka lapho akhona manje ngomculo, kwenze wafisa kube khona into enhle abenzela yona ukukhombisa ukuthi ukuthakasela kangakanani okuhle abamenzela khona.
Ukufakazela lokho, uNomakhosini uzokwenza umcimbi awubiza ngeNomakhosini Platinum Celebration and Listening Session, ngakubo e-The Site Carwash & Shisanyama, kwaChappies, eMandeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu kusuka ngo-6 kusihlwa.
UMCULI we-afro pop uNomakhosini uzokwenza umcimbi wokwethula icwecwe lakhe elisha ngakubo eMandeni ngoLwesihlanu
Image: SITHUNYELWE
Engxoxweni neSolezwe ngalo mcimbi, leli ciko elisanda kukhipha ingoma ethi Angisekho Kuwe, eliyishaya noT Zeny - lizobungaza nabalandeli balo, bejabulela ukwenza kahle kwengoma yalo ethi Angisafuni Ngami, esilalelwe ngabantu abangaphezu kwa-2 million futhi yadayisa yaze yafika ezingeni i-platinum, bese libazwisa izingoma eziyisikhombisa elizididiyele kwicwecwe lalo elithi Isiphiwo Sami, elizoqala ukutholakala ezitolo ezahlukene zomculo ngoLwesihlanu lwangoJuni 20.
IQEMBU le-afro pop ama-Q Twins azonandisa emcimbi kaNomakhosini eMandeni ngoLwesihlanu
Image: SITHUNYELWE
"Ngibone kukuhle ukuthi impumelelo yokungenisa kwami emculweni ngikubungazele ngasekhaya, ngase ngikuhlanganisa nokuthi ngivele ngisezinhlelweni zokukhipha i-EP yami yokuqala, njengoba kuwo lo mcimbi abantu bezothola ithuba lokuzwa lezi zingoma engizididiyele kuyona ibe ingakaphumi nakuphuma ukubajabulisa," usho kanje.
UMCULi we-afro pop u-Aubrey Qwana uzonandisa emcimbini kaNomakhosini eMandeni ngoLwesihlanu
Image: SITHUNYELWE
Kulo mcimbi kuzongenwa ngoR50 esangweni umuntu emunye, kanti kuzobe kunandisa amaciko amaningi ehlukene okubalwa kuwona ama-Q Twins, Bello, Aubrey Qwana, Aymos, Ayark Kay, Amanda M, Neliswa Dlamini, Seether, Cyet, Samkelo, Nhlaka no-Big Deep.
UMCULI wama-piano u-Aymos uzonandisa emcimbi kaNomakhosini eMandeni ngoLwesihlanu
Image: SITHUNYELWE
UNomakhosini (26), ogama lakhe lokuzalwa wuNokubonga Nokwanda Zulu, uthe kuleli cwecwe lakhe elisha udidiyele izingoma eziqhakambisa ubuhlakani nomusa kaNkulunkulu nezinyanya zakubo; akholwa wukuthi yikhona okumuphe ikhono lokucula aphila ngalo manje.