Ezokungcebeleka Umculo

Owezingoma zothando necwecwe eliqhakambisa ukubambisana endimeni

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI we-soul u-Afrotraction ukhiphe i-albhamu yakhe yesishiyagalolunye ethi We Own Sundays

Image: SITHUNYELWE

UKUQONDA nokukholelwa ekutheni ukubambisana kunamandla okwenza umkhiqizo wobuciko  nowezinga eliphezulu, ngenye yezinto ezikhuthaze intandokazi yomculi wezingoma ezipholile zothando u-Afrotraction, ukuthi akhiphe icwecwe lezingoma ezigqamisa amanye amaciko endimeni yomculo.

U-Afrotraction (42) usho njalo engxoxweni neSolezwe nge-albhamu yakhe yesishiyagalolunye esihloko sithi We Own Sundays, eqale ukutholakala ezitolo ngo-Ephreli 20.  I-albhamu igabe ngezingoma eziwu-11, upike kuzona amaciko eminxa yomculo ehlukene, okuyinto angavamile ukuyenza njengoba izingoma zakhe eziningi ezishaya yedwa.

"Lo msebenzi wakhiwe ngokusebenzisana cishe izinyanga eziwu-12 ngimatasa ngawo, njengoba ngenze isiqiniseko sokuthi ngibungaza ngawo ubuciko bokusebenzisana ngokuthi ngingasebenzi namaciko aculayo kuphela, kepha ngamema inqwaba yoDJ bomculo opholile ukusiza ukuthi izingoma engizididiyele kuyona zehluke futhi zize nomuzwa owehlukene.

"Ngiyakhumbula ukuthi ngenkathi ngiqala ucwaningo lokuthi ngingenza kanjani ukuthi lo msebenzi wehluke kunayo yonke esengike ngayenza, ngase ngixhumana nalaboDJ engibahloniphayo ngenxa yobuhle bomsebenzi wabo, okusilekelele ukwenza izinto zaba lula ngenkathi sesiqhubeka nomsebenzi wokuqopha nokudididyela izingoma," usho kanje.

La maciko asebenze no-Afrotraction kule albhamu woSweetmike, Brandon Dhludhlu, Amon Mokoena, Mthandazo Gatya, Paul Mtirara, Musa Sukwene, Linda Nzuzo, Zama Khumalo, Collen Zondo, Mbalizethu, Murumba Pitch, Bambo Johnson, Moresoul, Mthokozisi Ndaba, Sands noNontokozo Mkhize. 

Uthe konke lokhu ukwenze ngenxa yokuthi njengoba ewuphrojusa womculo, ukhonzile ukuthi asebenzise futhi ahlole izitayela ezahlukene zokwenza umculo, okuthi njalo uma enza lokho - uqinisekisa ukuthi akagudluki esigqini sobu-Afrika nokuqhakambisa ubuhle bothando.

UMCULI we-soul u-Afrotraction ukhiphe i-albhamu yakhe yesishiyagalolunye ethi We Own Sundays

Image: SITHUNYELWE

"Inhloso yami kuhlale kuwukukhiqiza umculo ozothinta umuntu nomuntu olale ngaphakathi kuyena, kungabi ngowokujuxuza nje kuphelele lapho, kepha kuba yizingoma eziqhakambisa ukubumbana emindenini. Lona wumculo wothando, ukuqondisisana nowokuveza ukuthi esikwenza ndawonye nangokubambisana kungasiza ukwelapha imiphefumulo," kusho u-Afrotraction.

"Ngaphezu kwalokho, ngihlela ukuthi lo mbono ungapheleli kwi-albhamu kuphela, kepha ube yisisekelo sokusebenzisana, sakhe isizinda sokusebenzisana singamaciko ukusiza ukuthi sifunde komunye nomunye, bese sigcina le ndumo yomculo opholile izinzile," kusho yena.

Ngaphambi kwe-We Own Sundays; u-Afrotraction, ogama lakhe lokuzalwa nguMzwandile Moya, waseMbombela, eMpumalanga, wakhipha ama-albhamu ayisishiyagalombili athi Soulfully Yours ngo-2011, For The Lovers ngo-2014, Love and Respect ngo-2016, Relationships ngo-2017, Moya Movement ngo-2020, The Launch of JazzYano ngo-2021, Afrika. Love. Music ngo-2022 nazibula ngayo ngo-2009 ethi Soul Deep.