Ezokungcebeleka Umculo

Owekwaito nomcimbi wokugqamisa abangakaziwa endimeni

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI wekwaito ne-house uJoocy nohlelo lokufukula amaciko angakaziwa

Image: SITHUNYELWE

UMCULI wekwaito ne-house uJoocy usedalule ukuthi ukuthola izicelo zenqwaba yamaciko aselokishini angakaziwa, efisa amlekelele ukuze achume endimeni - kwenze washisekela ukuthi kube khona akwenzayo ukuphonsa itshe esivivaneni ukuze ahambe ezinyathelweni zakhe.

Yilokho okwenze wahlela umcimbi awubiza ngokuthi yi-Joocy One Man Show Live, ozoba seCuba Lounge eseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ngoJuni 7, ngo-12 emini kuze kube yiphakathi kwamabili. Amathikithi omcimbi aseyatholakala eComputicket ngoR50 noR100 i-VIP, kanti futhi ayobe etholakala emnyangao ngosuku lomcimbi.

Engxoxweni neSolezwe ngalokhu, uJoocy odabuka ePort Shepstone, kepha wakhulela KwaMakhutha, eningizimu yeTheku, uthe bekumkhathaza ukuzibona engenzilutho ukusiza amaciko asemasha endimeni, ekubeni kukhona angaba namandla okukwenza ukuwasiza.

"Yingakho ngenza umcimbi onjena lapho engizohlanganisa khona inqwaba yamaciko asemalokishini ehlukene aseThekwini koMlaza, KwaMashu, Inanda, Clermont njalonjalo - ingxenye yawo engihambele mina kulezi zindawo ngiphendla ithalente lawo, okuzothi emcimbini athole ithuba lokushiyelana nami enkundla e-stage," kusho uJoocy.

Emacikweni angakaziwa azothola ithuba lokunandisa kubalwa uDJ Matic, Dr SK, Rhythmic Soulz, Ighost, Tiksoul, Dramigo, Ral, Kaybee & Ayo, DJ Wolake Best, Windeck, DeejayTabz, DJ Verb, Mfazongcwele noMavula, Mafeja & Sotobse, Mevliso Devocalist, Nzulenhle, Kullerbox, Cydwayz, Mthafrica, Manique Soul, DJ Funnue nabaphathi bohlelo oSpha Shezi noZonke Nyati.

UMCULI wekwaito ne-house uJoocy nohlelo lokufukula amaciko angakaziwa

Image: SITHUNYELWE

Emacikweni aziwayo nasezakhele udumo endimeni kuzobe kukhona oTypcee, Campmasters, Q The Cure, Rocketee LSM, FutureSoulDJS, Mr Andys & Astro Windeck naye uJoocy - ozobe ehambisana ne-band azocula nayo bukhoma emcimbini wakhe.

"Uma siqeda ngalokhu, ngihlose ukwenza into efanayo futhi lapho engazalelwa khona ePort Shepstone, ngibe ngiqhubeka ngikhiphe umculo omnandi - engihlela ukuwusheba nemisbenzi ehlukene yobuciko beshashalazi engizoqhubeka nokuyenza maduze," usho kanje.

UJoocy, igama lakhe lokuzalwa wuMusa Mavundla, kanti ugqame kakhulu endimeni esaqopha esitebeleni sikaDJ Tira i-Afrotainment; waduma ngezingoma ezahlukene okukhona kuzona ethi I Won't Let You Go nethi Thandekile.