UBUNZIMA ngemva kokushona komunye wabaphathi beKalawa Jazmee, uMojalefa “ Mjokes” Matsane, uthi akubaqedanga amandla u-Oskido, njengoba bebebambisene naye.
Uthe yize kubenzima ukuhamba kwakhe kodwa kuyaphoqa ukuthi baqhubeke nomsebenzi. U-Oskido ukusho lokhu njengoba esanda kukhipha i-EP yakhe enezingoma ezintathu iBack to my Future, wathi inhloso yakhe ukuvusa isigqi seKwaito, aziwa ngaso efika emculweni.
“Kumanje izingoma seziyatholakala kumadigital platform futhi zenza kahle njengoba abantu bekhombisa ukuzithanda. Kukhona esahamba phambili manje iBanky Banky engipike kuyona umculi waseNigeria uNiniola. Kwezinye ngipike uProfessor, Spikiri noLady Du. Sisanda kuqeda ukushutha namavideo azo esizowasabalalisa maduze, ukuze zidlale nakwithelevishini,” kuchaza u-Oskido.
Ungakapheli unyaka uthe uzokhipha i-albhamu egcwele enalezi zingoma asezikhiphile. Uqhube wathi njengoba iKalawa yathola inkontileka yokuqopha abaculi abawine kuma-Idols SA , kumanje bamatasa nezingoma zabawinile, ezizophuma maduze.
Ezinhlelweni zikaMjokes ongasekho, uthe lo mculi ushone elungiselela ukukhipha iculo lakhe, eyedwa njengoba bebengamalungu eTrompies baphinde bahambe ngabodwana.