UMCULI we-kwaito uJakarumba oqokwe kabili kumaMzansi Kwaito and House Music Awards uthi ubheke ukunqoba indondo yakhe yokuqala ecula njengoba bake bayithola esaseqenjini iTrompies Isithombe: SITHUNYELWE

INKUNZI esiluvava ye-kwaito uJakarumba ithi isiphoqelekile ukukhipha ingoma eyayenza kudala ekhuluma ngokuthula njengoba kubheduke isihlava sokuhlaselwa kwabokufika nokuhlukunyezwa kwabesifazane.

UJakarumba, owazakhela udumo eqenjini iTrompies, uthe ngesikhathi eqopha i-albhamu yakhe engakaphumi wenza ingoma ethi Love, Peace and Happiness okuyiyo eyisihloko se-albhamu.

“Ngiyiphrofethile yonke le nto. Ngenza ingoma ekhuluma ngokuthi kumele sizwane futhi sibe nothando. Ngiyaphoqeleka manje ukuthi ngiyikhiphe kabusha,” kusho uJakarumba.

Lo mculi ungomunye wabaqokwe emiklomelweni amaMzansi Kwaito and House Music Awards (MKHMA).

Le miklomelo okuzoba ngokwesine ikhona, izoba seBig Top Arena eCarnival City, ngoNovemba 30.

Uqokwe emunxeni weBest Kwaito Artist nakwiBest Kwaito Single ngengoma yakhe ayenze noProfessor no-Emza, ethi Uthando.

“Kusho lukhulu kimi ukuqokwa. Sekuyisikhathi ngikhona futhi ngiyabonga ukuthi kukhona ongibonayo. Ngizizwa ngithobekile ngokuqokwa futhi ngiyafisa nokunqoba,” kusho uJakarumba.

Uthe uma engadla umhlanganiso uzobe eqala selokhu aba ngumculi.

“Sake sawina siyiTrompies kodwa njengoJakarumba akukho engake ngakuwina. Ngake ngaqokwa phambili ngeZong’Tholakahle kumaSama (South African Music Awards) nakumaMetro (FM Music Awards) kodwa angiphumelelanga.”

Lo mculi ulokhu ekhipha izingoma ezihamba ngayodwana njengoba kulo nyaka ekhiphe umucu othi Khumbula, apike kuwo uKid X noThebe.

“I-albhamu yami iphelile ngilinde ukuyikhipha nje. Kumele ngilokhu ngikhipha ingoma ngayodwana ngoba abantu abasathengi njengakuqala. Uma sebazi izingoma okungenani ezintathu ngizoyikhipha kunodedela i-albhamu badlale eyodwa bese ezinye ziyamosheka.”

Uthe inqobo nje uma esaphila, uzoqhubeka nokwenza ikwaito ukuze ingashabalali.

“Ngilapho ngikhona ngenxa yayo futhi ngiphuma phesheya ukuyodansisa abantu ngayo. Yiyona ezale ama-piano, gqom' ne-new age kwaito okuyi-hip hop yamanje.”