USOMABHIZINISI oyiciko elizakhele udumo ngokubonakala emicimbini eyahlukene ehlobe ngengqephu yezinga eliphezulu, uShaun Stylist, uthi wethemba ukuthi manje sekuyisikhathi sokuthi asabalalise ubuciko negama lakhe endimeni yezobuciko ngomculo.
Usho njalo engxoxweni neSolezwe ngecwecwe lakhe elisha elisihloko sithi Maison EP, eliphume ngo-Ephreli 25, aliqambe ngegama lendodana yakhe uMaison, athi yinto ayenze ngamabomu ngoba enenhloso yokugqamisa ukuthi libaluleke kangakanani kuyena.
"Lona wumsebenzi osenhlizweni yami nengenze konke okusemandleni ami ukuqinikekisa ukuthi uba wumkhiqizo ozojabulisa abantu, futhi ngikholwa wukuthi konke kuzohamba kahle nangendlela engifisa ngayo ngawp - ungisize ukuvula iminyango evalekile okwamanje," usho kanje.
UMCULI wamapiano, uShaun Stylist
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe okunye okwenza awethembe kakhulu lo msebenzi, onezingoma eziyisikhombisa, wukuthi usebenze kakhulu kuwona nentandokazi kaphrojusa wamapiano uKabza De Small, obambe iqhaza ekudidiyeleni ingxenye yezingoma azipheke kuwona.
Uthe: "Okunye engikuqikelelile kuwona ukusebenza namaciko engaqala nawo endimeni, sisazama indlela yokuchuma nokuzakhela igama, njengoba sonke sesilana esikhona manje."
UMCULI wamapiano, uShaun Stylist
Image: SITHUNYELWE
Ngaphandle kukaKabza De Small, amanye amaciko asebenze noShaun Stylist kwiMaison EP woKyD, MKeys, ChillyboyRSA, T&T Musiq, Djy Vino, JayJayy, Umthakathi Kush, El-Kay MusiQ, Altalayn, Ray&Jay noDeep Narratives.
"Nakuba ngikuqonda ukuthi umuntu nomuntu uzoba nengoma yakhe ayithandayo kepha mina ngibheke kakhulu ethi New Chapter nethi Lord SS, bese kuzoba ngethi Yiyo - engiyishaya noKabza De Small, ebivele isiputshukile kwa-albhamu ingakaphumi," usho kanje.
UShaun Stylist ogama lakhe lokuzalwa wuShaun Andile Naki, udabuka Ekurhuleni, eGauteng. Uthe emva kwaleli cwecwe uhlela ukuhambela amazwe ehlukene emhlabeni ukumaketha futhi akhulise igama lakhe lomculo wakhe ebantwini bezinhlaka ezahlukene.