Ezokungcebeleka Umculo

Oshaya ngesigqi sesintu 'nonqambothi' ededela Imbiza

Simangaliso Ntshangase|Updated

UMCULI uSiya Ntuli ukhiphe icwecwe lakhe lokuqala elisihloko sithi Imbiza

Image: SITHUNYELWE

UMCULI we-Afro pop, uSiya Ntuli wodumo loshuni oxutshwe nesigqi somculo wesintu nowesicathamiya, usedalule ukuthi ukuqonda ukuthi isigqi somculo awenzayo sihlukile futhi asandile, kwenze wangafuna ukujaha ukunika abantu i-albhamu ephelele.

Usho kanjalo exoxa neSolezwe ngecwecwe lakhe eliphume ngoLwesihlanu elisihloko sithi Imbiza EP, elisezitolo ezahlukene zomculo - obese kuyisikhathi eside abalandeli bakhe bemnxusa ukuthi abenzele lona, kodwa kungenzeki ngoba ubelokhu 'ebagabisela' ngokudedela izingoma ngazinye, abuye avele futhi kancane kwezamaciko amfunayo.

Leli ciko elidabuka eMtubatuba, enyakatho yaKwaZulu-Natal, lithe ukusebenza kwalo ngokuzikhandla kusukela ligqama emculweni eminyakeni emine edlule, kwenze labona futhi lakholwa wukuthi manje sekuyisikhathi esifanele sokuthi lidedele umculo omningi.

"Bekuvele kuwuhlelo lwami ngokubambisana nesitebele engiqopha kusona Inkabi Records ukuthi ngingajahi ukuxina abantu nge-albhamu ngoba siqonda ukuthi ushuni wobuciko bami wehlukile futhi akulula ukuthi usheshe ungene ebantwini, okwenze sazinika isikhathi esanele sokwakha futhi sikhulise igama lami kuze kufike lapho esikhona manje," usho kanje.

Kuleli cwecwe, eliphrojuswe wuXowla - asebenza naye kwiNkabi Records, uSiya usebenze namaciko okubalwa kuwona uShwi, Imfez' Emnyama, Sminofu, Donald, Gatsheni, Diary, Musiholiq, Tyrmore neqembu lesicathamiya lakubo agqama esacula phambili kulona iMtuba Thulisa Brothers.

UMCULI uSiya Ntuli ukhiphe icwecwe lakhe lokuqala elisihloko sithi Imbiza

Image: SITHUNYELWE

Uthe: "Nginethemba lokuthi lo msebenzi uzovula eminye iminyango namathuba amakhulu endimeni, ikakhulu ngoba kimina uyindlela engizozethula nengizoveza ngayo kubalandeli bami ukuthi ubuciko bami behluke kanjani, nokuthi kungahamba ibanga elingakanani. Yingakho nesihloko sithi Imbiza, sifakazela khona ukuthi ngizoveza engikuphethe."

Nakuba ekuqonda ukuthi umuntu nomuntu uzothanda ingoma emshaya ngaphakathi, kodwa uSiya uthe yena kuleli cwecwe elinezingoma eziyisishiyagalolunye, wethembe izingoma ezintathu; okungethi Obhuti Abadala ayishaya noGatsheni, ethi Mama Ngifikile eGoli ayishaya noSminofu noMusiholiq nethi Ukube Ngiyazenzela - apike kuyona uShwi, Xowla noTrymore.