INKAKHA yomculi kamaskandi uKhangelani ‘DSD’ Mhlongo, usethathe isinqumo sokungena emabhizinisini kanti uzovula isitolo esidayisa imifaniswano yabalandeli bakhe.
UDSD uthe ubone kungumqondo omuhle ukuthi imifaniswano yabalandeli bakhe itholakale kuyena ngqo, kunokuthi abalandeli bazenzele.
Uthe konke sekumi ngomumo ngokuvulwa kwesitolo.
“Sengingakuqinisekisa ukuthi isitolo sizoqala ukudayisa imifaniswano yabalandeli bami ngenyanga ezayo. Ngokwezinhlelo zami isitolo sizoqala ukubakhona eGoli ngenyanga ezayo. Ngizoqhubeka nokwenza ezinye izinhlelo ngoba ngifuna sibekhona naKwaZulu-Natal. Ngaphandle kokuthi izimpahla zami zizotholakala esitolo sami, zizogcina sezitholakala nakwezinye izitolo ezidayisa impahla yokugqoka. Ngisaxoxisana nezitolo engizofaka kuzona impahla yami, futhi ngikholwa ukuthi ngenyanga ezayo kuzobe sekwaziwa ukuthi zizotholakala kuziphi,” kusho uDSD.
Lo mculi uzishaya isifuba ngalesi sinyathelo futhi eveze ukuthi yonke into iqalwa nguyena kubaculi bakamaskandi bese beyamlandela abanye.
Uthe njengeSilo somaskandi, kumele ahlahle indlela njengoba ehlala enza futhi uyazi ukuthi baningi abazobukela kuyena, bamlandele.
Uthe akumphathi kabi lokho ngoba nguyena ofika nezinto ezehlukile emculweni kamaskandi bese eyalandelwa ngoba usuke enza okuhle.
Emculweni uDSD uthe ayikho i-albhamu ayiphushayo njengamanje.
“Ngizongena estudiyo maduze ngiyoqopha. Njengoba kuza uDisemba kuyaziwa ukuthi ngivamise ukukhipha i-albhamu yoSaziwayo. Angigudlukile kulokho, abalandeli bami abalindele ngoba iyeza,” kuqhuba yena.
Amagalelo kaDSD emculweni enza ukuthi awine emunxeni weBest Maskandi kumaSatma nakumaLife Changers Awards.
Ungumsunguli weqembu Osaziwayo alibumba ngokubambisana noJaiva Zimnike emva kokuhlakazeka kwaMagcokama, okwakuyiqembu elaliphethwe wuMgqumeni nayengaphansi kwalo.
Useke wahlonishwa nangeziqu zobudokotela njengoba ebizwa ngoDkt Khangelani Mhlongo manje.