UZOKITAZA isiginci ehamba noRihanna engomeni eyodwa umasikanda wakuleli oshaya isiginci aze asibelethe emhlane. UMbuzeni Mkhize, uthole isimemo sokuhlanganisa ingoma noRihhana abazoyenza ngoDisemba e-USA.
Exoxa naleli phephandaba uMbuzeni, uthe yingqayizivele yethuba azolibamba ngezandla zombili.
Uthe uke wasebenzisana neTrompies kanti yona isebenzisana noJimmy, oshaya isigingci ohlala e-USA.
UJimmy wathatha ingoma kaMbuzeni waya nayo phesheya, wafika wayizwa uRihanna, wahlabeka umxhwele wathi uyamfuna lo mculi. UMbuzeni uke wenza ingoma ethi Shine Bright Like a Diamond kaRihanna epike uNgizwe Mchunu, ayixube ngesigqi sikamaskandi okuthiwa yiyona kanye echaze uRihhana, wafuna ukucula naye.
‘’Ngasithola impela isimemo sikaRihhana futhi ngifuna ukumenzela into yamehlo uma sengenza ingoma naye.
Wahluleka ukuzibamba uRihanna ezwa ingoma yami, wathi ucela ukuthi sihlangane sisebenze ndawonye. Ngiyajabula kakhulu ukuthola leli thuba ngoba nami kuyangikhulisa nje,’’ kuchaza uMbuzeni
UMbuzeni usekujwayele ukusebenza phesheya kwezilwandle njengoba ehlala ethola umsebenzi wokucula khona.
Uthe abantu basemazweni aphesheya bayazifela ngomculi kamaskandi ozishayela isiginci abuye aziculele yena. Kumanje umatasa ulungiselela eminye imisebenzi yaphesheya njengoba ezoya e-India, Portugal, France. Usanda kubuya eTurkey nakhona ufike washaya isiginci bamcela impinda.
‘’Ngicabanga ukuthi bathanda nesitayela sami sokudla isiginci ngoba ngidlala ngendlela ehlukile, ngize ngihlale phansi ngisibelethe emhlane. Bathi nginomdlandla uma ngidlala, yingakho bethanda ukungibuka nokudala ukuthi bahlale bengiqasha njalo.’’