OMUNYE wabanikazi beKalawa Jazmee, uMandla “Spikiri” Mofokeng, uthi mningi umsebenzi obahlalele ngenxa yokubuyisa wonke amaqembu abo akudala bezobuye futhi basebenze nabaculi bama-Idols SA.
USpikiri uthe sebehlale besestudiyo zonke izinsuku.
NgoLwesihlanu kuphume ingoma entsha yeqembu amdibi munye nalo iTrompies. Ingoma ithi Ukhala Kanjani abapike kuyo uMbuzeni noSjava.
“Sifuna ukuthi zonke izingwazi zaseKalawa zibuye. I-Bongo Maffin ibuyile futhi kuningi okuzayo, oMahoota bazokhipha, u-Oskido ulokhu ekhipha futhi sinabaculi abasha. Mningi umsebenzi osihlalele, sihlale sisestudiyo zonke izinsuku. Nansi nento yama-Idols manje abantu basibhekile, ingcindezi ikhona kodwa siyakwazi okumele sikwenze,” kusho uSpikiri.
Ingoma yabo uthe ngeyothando umuntu akhuluma kuyo nomuntu amthandayo.
“Kuyangijabulisa ukuthi sisebenze nabantu bangasekhaya. Uyazi ubaba wami uShabalala ngowaseBergville. UMofokeng engibiza yena ngumama. NgingowakwaMshengu nje mina. Ingoma ngeyokududuza umuntu wakho ukuthi, ‘Ungabokhala enhliziyweni yami uwena ogqobha izozo. Noma ngihamba nomzala akumele ucabange okunye ngoba uwena kuphela yingakho ngikwenzela konke’. Ithi nje themba umuntu wakho,” kusho uSpikiri.
Uthe njengoba selokhu bagcina ngo-2014 ukukhipha ngethi Delicious sebeqalile bahlanganisa i-albhamu entsha.
“I-albhamu izophuma ngonyaka ozayo kodwa okwamanje sizolokhu sikhipha izingoma ngazinye ize iphume. Baningi abantu esizosebenza nabo abasha nabadala ngoba ukusebenza nabantu abahlukene kwenza ingoma ibe namandla. Wonke umuntu onethalente ngikholwa wukuthi kumele anikwe ithuba.”
Uthe ngeke besahlaba ikhefu lesikhathi eside manje sebezolokhu bekhipha njalo.