UZOGQUGQUZELA ukuthi kuqhutshekwe nokudlalwa komculo wakuleli ohambeni lwakhe aluqale kulo nyaka uDJ Shimza, noluza eThekwini ngoLwesine.
UShimza uzojabulisa abantu abazohambela lo mcimbi eThe Warehouse, eThekwini, kusuka ngo2.00 ntambama kuze kube u10.00 ebusuku.
Lo mcimbi osamkhankaso uveze ukuthi uzobe unesiqubulo esithi Stay True: There’s No Wrong Way.
Kuwona uthe bagqugquzela ukuthi kudlalwe izingoma zakuleli futhi abantu bazazi ukuthi bangobani, bavela kuphi.
“Uhambo lolu engiluqale ePitoli, futhi sibheke phambili ekuhambeleni amanye amadolobha okukhona kuwo iJohannesburg neKapa. Sifuna ukuqhakambisa ukuthi singobani. Ngiyabonga kakhulu kwabakwaBallentine’s abangixhasile ohambeni lami. Ngiyabamema bonke abantu baseThekwini ukuthi baphume ngobuningi babo beze kulo mcimbi bezojabulela umculo woDJ abahlukene engizobe ngihambisana nabo,” kusho uShimza.
Uveze ukuthi oDJ abazobe bekhona abaseThekwini nabazojabulisa izihambeli ngomculo ohlukene okukhona kuwo oweGqom, hip hop, house neRnB.
KoDJ aveze ukuthi uzoshiyelana inkundla nabo kubalwa uJoshy X noX031, DJ Drega, Dlala Thukzin noQue.
“Yonke imiyalelo ethinta igciwane leCovid-19, sizoyilandela. Siyanxusa ukuthi abantu bagcine isikhathi njengoba singathandi ukuthi sibambezeleke futhi siqede sekudlule isikhathi,” kuchaza yena.