UMASKANDA uQondanisa Sibisi, noSamantha Mazibuko okuthiwa sebehlukene Isithombe: SIGCINIWE
LIGQABUKILE igoda phakathi komculi nenye yezingoduso zakhe avela nazo ohlelweni loMzansi Magic, Umnakwethu Happily Ever After.
Bezilokhu zikhulunyelwa phansi izindaba zokuhlukana kukaQondanisa Sibisi noSamantha Mazibuko, oyingoduso yesibili kamaskanda kepha zigcine ziqinisekiswe nguyena.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi kuvele kwezindaba zokuthi uSamantha akanasiqiniseko sokuthi ukhuleliswe ngubani, phakathi kukaQondanisa, nowesilisa obengumakhwapheni wakhe.
USamantha uvele esho lezi zindaba kwesinye seziqephu zohlelo ukuthi akaqondi ukuthi isisu ngesikabani. UQondanisa uthe ziningi izinto angaziqondi ngoSamantha, yingakho bethathe isinqumo sokuthi bame kancane, ekuthandaneni.
“Okokuthi akaqondi ukuthi ukhuleliswe ngubani, bengingenalwazi ngakho. Ngithuke sengibona ekusho ohlelweni. Bezikhona izinto ebezingenza ngishaye amakhala ngaye kodwa bengingazi ukuthi kungafika ekutheni angazi nokuthi ukhuleliswe ngubani?
“Kumanje angisahlangani naye ngoba ngiyabona ngizokhushukelwa wumoya, ngize ngenze nezinto okungamele ngizenze.
”Engikwenzayo ukuqhubeka nokondla ingane ngoba isizelwe kodwa ngisahlela ukuthi senze iDNA ukuze ngibe nesiqiniseko sokuthi ingane eyami. Okwenza ngiqhubeke nokuyondla yingoba angifuni angisole ngelinye ilanga ukuthi ngabalekela ukondla uma sekuvele ukuthi ngeyami,” kusho uQondanisa.
Uthe njengoba ebeseyingoduso yakhe, kuzomele ageze nomuzi wakubo ngoba uthandane nenye indoda ekhona, ekubeni kunguyena owavuma ukuthi uzoba ngunkosikazi wakhe.
Kuleli sonto uQondanisa uveze enye ingoduso yakhe yesithathu ohlelweni. Echaza ngayo uthe ibivele ikhona kusuka kudala, wathi isithembu yinto yakubo njengoba ekhulele kusona futhi uyasazi.
“ Obekwenza ngiyifihle ukuthi ibisafunda, ngesaba ukuthi umndeni wayo uzoyiboni isivela kwithelevishini ungazi. Ibivele ikhona futhi ingaphambi kuKaMazibuko (uSamantha),” usho kanje.
Ngaphandle kwalolu hlelo, uQondanisa uphinde waveza ukuthi umatasa nohlelo lwethelevishini olukhuluma ngempilo yakhe oluzokhonjiswa kuMzansi Magic. Nasemculweni uthe uyaqhubeka njengoba kuza i-albhamu yakhe entsha iGezwamanzi ngePhasika. Uthe konke akwenzayo kungaphansi kwenkampani yakhe iQondanisa Music.