Ezokungcebeleka Umculo

Kwazwana umoya e-studio kwasebekhipha umculo ndawonye

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI wodumo lwezingoma zakuma-piano, uTracy

Image: SITHUNYELWE

UKUZWANA komoya bezoqopha e-studio somunye wophrojusa wama-piano nokuqaphela ngaleso sikhathi ukuthi indlela abacula ngayo iyahambisana, kwakhe, kwaqinisa ubudlelwano koThatohatsi noTracy, abalokhu beqhubeka bekhulisa igama labo ngomculo wamo ofike wangena, wahlala kubalandeli babo.

Engxoxweni neSolezwe, laba baculi badalule ukuthi baze baduma sebezwakala becula ndawonye ezingomeni eziningi ezidumile zama-piano, baqale ukuhlangana nyakenye bezoqopha e-studio sikaBongza, bangabe besabheka emuva kusukela lapho.

Elandisa ngalokho, uTracy uthe: “Siqale lapho ukuqopha ndawonye ezingomeni esasihlanganele ukuzosebenza kuzona ngaleso sikhathi, nnokuthi ngenkathi sisebenza kwasheshe kwacaca ukuthi sobabili sikhonze ukushaya umculo othinta izinhliziyo.”

“Kuyasisebenzela kakhulu lokho kokuthi umculo wethu unomyalezo, futhi siwenza ngendlela yokuthi lowo nalowo owulalelayo kube khona akuzuzayo noma okumthintayo kuwona, hhayi ukuthi kube yingoma ezophelela emoyeni emva kwesikhashana,” kusho uThatohatsi.

Bebuzwa ngezinhlelo zabo zengomuso, uTracy uthe inhloso yakhe wukuqhubeka akhulise igama lakhe, futhi angenise nakweminye imikhakha yomculo, bese kuthi eminyakeni ezayo agcine esenesitebele sakhe somculo. UThatohatsi uthe uwumuntu okhonze ukuyekela konke kuNkulunkulu; ngakho okuningi uzokubona ngokuqhubeka kwesikhathi endimeni.

UMCULI wodumo lwezingoma zakuma-piano, uThatohatsi

Image: SITHUNYELWE

UTracy udabuka eRockville, eSoweto, kanti igama lakhe lokuzalwa wuLethiwe Sibiya. Uqale ukucula esesemabangeni aphezulu, waze wajoyina iMzansi Youth Choir ngo-2016, i-Afrikariz ngo-2018 kwathi ngo-2019 waqala ukucula ngayedwa.

UThatohatsi yena udabuka ePaynevill, eSprings, kanti igama lakhe lokuzalwa wuThato Raphadi. Ugqame emculweni ngengoma yakhe yokuqala ethi Xolele, okuyiyona futhi eyathatha iso nendlebe yamaciko amaningi aziwayo afisa ukusebenza naye emculweni.

Ezingomeni abaziwa ngazo kukhona iBo Gogo neVulani kaKelvin Momo; Abantwana Bakho, Ekhaya, Thonga Lami, Imiyalo, Ukuphumula neMukondeleli zikaDJ Maphorisa noXDuppy. UTracy unecwecwe elithi A Place Called Home, alikhiphe nyakenye - bese kuthi bobabili noThatohatsi babe ne-albhamu ethi Welile, abayishaya neShaunMusiq & FTears.