UKUKHUMBULA ubunjalo beqhaza elabanjwa ngamaciko aKwaZulu-Natal angasekho emhlabeni nokuthi ukushona kwawo kwaba namthelela muni endimeni yezobuciiko - yizona zinto ezizogqanyiswa emcimbini wokukhumbula lawo maciko, ukuzama ukusiza ukuthi igama namagalelo kwawo kungashabalali.
Lokho kuzokwenziwa emcimbini wokuwakhumbula, okuzobe kungokokuqala wenziwa nonyaka iKZN Memorium Music Concert, ozoba seMax’s Lifestyle, eMlaza ngoMgqibelo wangoJuni 14, kusuka ngo-2 ntambama kuze kube yiphakathi kwamabili.
Amaciko angasekho emhlabeni azokhunjulwa kulokhu wumculi wodumo lwe-reggae uLucky Dube, isihlabani sowokholo uDeborah Fraser, isilomo somaskandi uKhulekani "Mgqumeni" Mseleku, nababengamalungu eqembu elingaconsi phansi lekwaito iBig Nuz; oSibusiso “R Mashesha” Khomo noMandla “Mampintsha” Maphumulo.
UNksz Phindile Zulu waKwaMakhutha, wenkampani iThingoluhle Events ehlela lo mcimbi, uthe bebefisa ngabe bebezohlonipha amaciko amaningi kunalokhu, kepha ngenxa yokuthi abakwazanga ukuthola imvume emindenini yamanye amaciko, bazoqala ngalaba abathole imvume ngawo kuphela.
“Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi igama labo alishabalali endimeni yezobuciko futhi sifuna ukuthi kuhlale kwazeka ukuthi bake baba khona futhi bashintsha kangakanani impilo yabantu ngobuciko babo. Lokho sizokwenza ngokuthi emcimbini wethu senze imizuzu yokubakhumbula nokuthi siveze izinto ezinhle abazenze endimeni besaphila, futhi sihlele nokuthi amaciko azonandisa emcimbini acule noma adlale izingoma zawo ukuwahlonipha,” usho kanje.
Emacikweni azonandisa kuzobe kukhona isithandwa sabalandeli bama-piano uKelvin Momo, uNontokozo Mkhize, Babes Wodumo, Danger, Big Nuz, We Dem Boyz, Junior B, Rocksliver, Man Q, Ntwana B, Japanese, MC Slot, PZET, Pianola, Lee Snakes, Kai Kai, Fam Soul noTribalquest.
“Nakuba singakwazanga futhi ukuthola amaciko omaskandi ukunandisa emcimbini, kodwa futhi kukhona uDJ abantu abazombona emcimbini ukuthi wubani, okunguyena ozobw eklwebha amapuleti ngomculo wesintu aze aqede e-stage. Kanti futhi sihlela ukuthi lokhu kungapheleli lana, njengoba sifuna ukuqhubeka nezinye izinhlelo ezifuze lolu ngokuzayo,” usho kanje.
Iphephandaba Isolezwe lingabanye babaxhasi balo mcimbi, kanti amathikithi awo ayatholakala eWebtickets nasePick’ n’ Pay ngoR150 noR250 awe-VIP.