KUBOSHELWE izintandokazi zamaciko ezizonandisa kwethulwa ngokusemthethweni kuphinde kumenyezelwe abaqokiwe kumaSouth African Traditional Music Awards (Satma) esifundazweni iMpumalanga ngoMgqibelo.
Phakathi kwamaciko osekuqinisekisiwe ukuthi azonandisa kulo mcimbi, kukhona uBig Zulu, Afrotraction, osomahlaya uMduduzi Ntuli noSummary, imbongi uSindi Myeni bese kuthi uhlelo luphathwe uTsholofelo Maseko. Kuzophinde kunandise namaqembu engoma ehlukene.
Okhulumela amaSatma, uKeletso Dlamini, uthe kulokhu bahlanganise imicimbi emibili njengoba kuzobe kwethulwa umcimbi kuphinde kumenyezelwe abaqokiwe.
“Okwenze sahlanganisa imicimbi emibili ukuthi umcimbi siwuhlela ngaphansi kwesimo esingajwayelekile njengoba kusenenkinga yeCovid-19. Sibalekela ukuthi sihlanganise abantu ndawonye izikhathi eziningi. Siphinde sanciphisa nemikhakha engenelwayo ngenxa yakho ukuthi sizama ukunciphisa isibalo sabantu abazohambela umcimbi. Nokuhlonishwa kwasebemnkantshubomvu akuzokwenzeka kulo nyaka njengoba ungekho umunxa wabo ngenxa yokuthi umcimbi wangonyaka odlule ubuhlonipha bona kuphela,” kusho uKeletso.
Emcimbini wangoMgqibelo, kuzoqala ukhaphethi obomvu emini ngo-12 bese umcimbi uqala ngo-2 emini. UKeletso uthe phakathi kwezicukuthwane ezizobe ziyingxenye yomcimbi, kukhona uNdunankulu waseMpumalanga, uRefilwe Mtsweni-Tsipane, uNgqongqoshe waseNorth West, uVirginia Tlhapi nowaseLimpopo, uThandi Moraka nobuholi besifundazwe eMpumalanga.