ISIKHULU seRecording Industry of South Africa (RiSA) uNhlanhla Sibisi, sithi mkhulu umthelela ozoba khona ngokuvalwa kwesitolo esidayisa umculo iMusica.
Ngokwesitatimende seClicks Group ephethe iMusica, kuvalwe izitolo ezingu-19 ekuqaleni konyaka wezimali futhi zingu-59 izitolo ezivuliwe okwamanje.
Ngokubika kweReuters, iClicks Group ithe izitolo ezisele zizovalwa uma sekuphela izimvume zokusebenza emabhilidini ezikuwo ezinyangeni ezine ezizayo.
"Into ebuhlungu kakhulu lena," kusho uSibisi.
"Asikahlangani njengebhodi sikhulume kodwa isiphathe kabi le nto. Sizohlangana siludingide lolu daba."
"Ukudayiswa kwamaCD bekulokhu kwehla minyaka yonke, ngicabanga ukuthi kungenisa imali elinganiselwa kuR90 million ngonyaka. Inkinga ukuthi umculo wesintu awukakangeni ezitolo ezi-digital. Kunama-albhamu ongeke uwathole digital kodwa owathola ezitolo okungeke kusenzeka manje. Ama-albhamu amaningi omculo wokholo athengwa koMusica. Umculo wesiBhunu nawo ubusagoloza ukungena kwi-digital futhi yingakho abantu bakhona abaningi bebethenga ezitolo," kuchaza uSibisi.
Uthe yize befuna ukuthi abantu bathuthele ezitolo ezi-digital kodwa kusenezingqinamba eziningi.
"Abantu abaningi bayahluleka ukusebenzisa i-data ukuthenga noma ukulalela umculo. Ukulalela umculo online ezindaweni ezifanele njengoSpotify yinto enhle esiyigqugquzelayo. Ukubiza kwe-data kodwa yinto eyinkinga ngoba uma ishibhile abantu bazothenga noma balalele khona singabi khona isidingo sokukokotela ngoba kukhona izinkundla zokulalela mahhala kodwa zifuna i-data kuphela."
Uthe kumele baqale bakhulume nezinkampani ze-network ukuze itholakale yonke indawo kungabi khona izindawo enqamuka kuzo futhi ne-data ishibhe.
"Kumele ngabe siyakhala njengeNingizimu Afrika ngoba umculo uwusiko lwethu. Asithembe kodwa ukuthi abaculi bazidayisele kuzokhula kodwa inkinga ukuthi bazogayaphi ngoba nalezo zinkampani kade zavala kusele ezincane. Kumele sikhulume nohulumeni sithole izindlela zokusebenzisana futhi sikhulume neziteshi zemisakazo ukuthi azidlale kakhulu umculo wakithi. Iziteshi zezifunda nazo azandise umculo wezifunda ezizisakazelayo."