ULesego owazakhela udumo ecula neJaziel Brothers
Image: Sithunyelwe
Kusungulwe inkundla yokuthi abaculi abazimele bazibonakalise ngomcimbi iShow Them Flames Music Night.
Lo mcimbi uzobe uhlanginisa izinhlobo ezahlukene zomculo okubalwa kuzo i-soul, jazz, Afro-fusion, amapiano nezinye abaculi bazobe benandisa bukhoma.
Umsunguli wawo uStanley Khoza uthe akuyona ikhonsathi kodwa yinkundla yokuzibonakalisa.
“Abaculi abazimele kuleli zwe benza umsebenzi wokubumba abantu kodwa ababungazwa ngokunikwa izinsiza ezisezingeni, abavezwa kahle futhi akekho otshala imali kubo. IShow Them Flames Music Night ikhona ukuzoshintsha lokho,” kusho uKhoza.
Uthe umcimbi wokuqala uzoba seHotel Sky, eSandton ngoMeyi 30. Kuqalwa ngo-6 ntambama kanti amathikithi aqala kuR300.
Emcimbini wokuqala kulindeleke ukuthi kunandise uLesego oke wasebenza neJaziel Brothers.
UKhoza uthe kuseyisiqalo ngoba bahlela ukuwusabalalisa ukuhambela izwe lonke emanyuvesi, emalokishini nasemakhaya.