CHARLES KHUZWAYO
UZOKHUNJULWA kakhulu ngamahlaya nangokuthanda ingqephu umculi wombhaqanga ne-soul owayedume ngeminyaka yo-1980 no-1990, uPat Shange. Ngokusho kobengunkosikazi kaShange weminyaka ewu-33 kodwa abesehlukanisa naye, uPatricia Shange, umufi ushonele esibhedlela saseGoli iChris Hani Baragwanath ngezintathakusa zangoLwesibili ngenxa yesifo esihlobene neCovid-19. "Mina bengigcine ukukhuluma naye ngoLwesithathu nangoLwesibili, eziphilele. Besincokola njengasimehleni ngoba phela asixabene futhi sinengane ebesiyikhulisa ngokuhlanganyela yize besingasahlali ndawonye. Bengimkhumbuza ngokuthi ayogonywa njengoba kubhokwe iCovid-19 eGauteng. Ngishaqekile ukuzwa sekuthiwa akasekho emhlabeni." Eqhuba uthe uShange waqutshukelwa ukugula ngoMgqibelo ebusuku. "Kwazanywa ukuba aphuziswe umhlonyana futhi agqume kodwa wanqaba. Ngakusasa ngeSonto waphuthunyiswa emtholampilo waseChiawelo ngoba wayesehluleka nawukuphefumula. Walashwa wabuye wadedelwa ngoba wayesezitshela ukuthi usengcono. Odokotela bathi uma bebona ezinye izimpawu zokugula njengokushaywa isifo sohlangothi futhi neminwe yakhe inokubanda, bamphuthumisa esibhedlela iBaragwanath lapho afike washonela khona ngoLwesibili," kusho uPatricia athe uzomkhumbula kakhulu umufi ngamahlaya.UPatricia uthe uyasola ukuthi umufi bekumkhathaza kakhulu ukuvalwa kwezwe njengoba ubengasakwazi ukwenza adume ngakho.
UShange, owazalelwa kwaZayeka eMgungundlovu kodwa obesenomuzi eProtea Glen eGoli, wazakhela udumo eminyakeni eyedlule ngamanoni ayethi Sweet Mama, Coming Home From The Mines, Shayile Time, Casanova, My Neighbour, Tonight You Gonna Give, Usizi, Ngeke Ngikulobole, Kodwa Awungizweli Na, Mngani Wami namanye.
Umsakazi woKhozi FM ongasekho, uCyril Bongani "Kansas City" Mchunu, wayeze amteketise ngeleNdoda Yamasudi Ayishumi kanti uBhodloza Nzimande wayethi Indoda Ehlale Intanta Ne-wadrobe ngenxa yokuba yincwasimende kwakhe.
Ngaphandle kokucula uShange ubesengene nasemkhakheni wokulingisa kangangoba ubesebonakala emafilimini amafishane akhonjiswa kuMzansi Magic nakuMzansi Bioskop. Eyakamuva abesanda kulingisa kuyo ngesihloko sithi Mapetla. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakaziwa ngamalungiselelo omngcwabo kaShange.