KUSUNGULWE umkhankaso wokulekelela umculi osengcupheni yokudlelwa umuzi.
Lokhu kuvezwe uBI Phakathi okungMsamariya olungileyo odume ngokusiza abantu abaxakekile ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mlisa unameke ezinkundleni zokuxhumana umbhalo ocela umnikelo kaR350 umuntu emunye ukulekelela uZahara njengoba exinwe yizinkinga zemali. Ngokusho kwalo mbhalo babheke ukwenza imali elinganiselwa kuR350 000.
Baningi asebeqalile ukunikelela le ntokazi okwavela ekuqaleni kwale nyanga ukuthi ibhange lakwaNedbank lisezinhlelweni zokudla umuzi wayo ngoba ihluleka ukuwukhokhela.
Imibono yabantu ihlukile kulokhu. Abaningi bakhala ngezinkinga zempilo nokuthi akekho obatakulayo uma benezinkinga. Abanye bathi lo mculi walithola ithuba lokuphila kahle kodwa wenza okungafanele. Bathi lokhu akube yisifundo empilweni yakhe.
@AbutiLawrence: Mina ngizimisele ngokuthenga amathikithi angu-20 omcimbi wesimo esiphuthumayo azowenza ukuzama ukuzitakula kule nkinga abhekene nayo. Kumele afunde ukuze kungamphindi lokhu okwenzekayo kuye, akasebenzise ithalente lakhe, thina sizoxhuma lapho.
@MissLineoM: Ngiyamthanda kodwa sonke kumele sizame ukuphila impilo engangamandla ethu. Ube nethuba elihle lokuthenga umuzi omuhle ngesikhathi esanemali. Ngiyazi ukuthi uzovuka futhi, ngiyathemba ukuthi uzofunda kukho konke lokhu.
@sisi_wangempela: Ngabe kuyezwakala ukuthi udaba lukaZahara belufana nolukaZola7, angikaze ngizwe muntu othi wake wasizwa uZahara ukubhalisa esikoleni noma wake wathengelwa uyena ukudla. Mhlawumbe ubezenza lezo zinto ngasese, kodwa abanyeosaziwayo badla bodwa bese bekhalela thina uma befuna usizo.